‘Abadlali bami bebekhathele’ – Cardoso
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ukhale ngokukhathala kwabadlali bakhe emdlalweni wabo neKaizer Chiefs abawunqobe ngo 1-0.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ukhale ngokukhathala kwabadlali bakhe emdlalweni wabo neKaizer Chiefs abawunqobe ngo 1-0.
Umdlali weKaizer Chiefs osanda kubuya ekulimaleni u-Edmilson Dove useyalele abalandeli baMakhosi ukuthi bangakhathazekile kakhulu ngeMamelodi Sundowns ngoba banecebo lokuyishaya.
Umdlali oyibamba emuva kwiKaizer Chiefs uReeve Frosler uthi ayibafakeli uvalo iMamelodi Sundowns futhi alikho icebo elikhethekile abazolenzela umdlali wayo waseBrazil ovuthayo uLucas Ribeiro.
Isitobha seKaizer Chiefs u-Inacio Miguel sithi bafuna ukubuyisela izinduku kwiMamelodi Sundowns ngemuva kwesibhaxu sika 4-0 abasithola kuleli qembu eFNB Stadium.
Inkakha ye-Orlando Pirates uSteve Lekoelea ufisa luxazululwe ngokushesha udaba lukaMonnapule Saleng ngoba ‘basamdinga’, waveza nokuthi kunabanye abadlali abasazovela abanganeme njengaye.
Kubikwa ukuthi uzoqhubeka yedwa nomsebenzi wokupheka AmaZulu FC u-Arthur Zwane kulandela ukushiya kukaVusumuzi ‘Kanu’ Vilakazi abebambisene naye.
Intatheli yezemidlalo esimkantshubomvu kuleli uPeter du Toit iseveze iqembu ebelifuna uMonnapule Saleng nokuthi inkinga ingakulomdlali njengoba eqiwa yijezi kwi-Orlando Pirates kule sizini.
Owayengumdlali weKaizer Chiefs uPatrick Mayo akayizwa eyokunikezwa kukaYusuf Maart ibhande likakapteni kuMakhosi.
I-agent kaThalente Mbatha, uMike Makaab, ithi bazomthathela izinyathelo zomthetho oqale ukusabalalisa amanga ngalo mdlali uma engaxolisi kuye, emndenini wakhe, naseqenjini alidlalelayo i-Orlando Pirates.
Kubikwa ukuthi iSARS ihlela ukudayisa iRoyal AM ukuze iqoqe imali yentela eyikweletwa wumnikazi weqembu uShauwn Mkhize.