Umdlali oyibamba emuva kwiKaizer Chiefs uReeve Frosler uthi ayibafakeli uvalo iMamelodi Sundowns futhi alikho icebo elikhethekile abazolenzela umdlali wayo waseBrazil ovuthayo uLucas Ribeiro.

ISundowns neChiefs bazotholana phezulu eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ngo 15:30 ntambama kumdlalo olindelwe ngabomvu.

Ekhuluma ngaphambi kokubhekana neqembu elagcina libaxebule ngo 4-0 kwiCarling Knockout, uFrosler uthe badlalela iqembu elikhulu kabi ukuthi bengasaba iSundowns nakuba besanda kuphendulwa izimpushana yiSuperSport United ngeledlule ibashaya ngo 4-1.

“ISundowns iyiqembu elikhulu elenza kahle, kodwa nathi siyiqembu elikhulu. Sizoya kulo mdlalo sisemqondweni omuhle, sifuna ukubakhombisa ukuthi nathi siyiqembu elikhulu elinesibindi,” kusho uFrosler engxoxweni neSowetan.

“Ukubhekana neSundowns kuyohlale kunzima kodwa sizozama ukwenza konke esingakwenza. Sinabalandeli abaningi esifuna ukubajabulisa ngokudlala kahle, okuzokhuphula amathuba okuthi sinqobe umdlalo.”