Owayengumdlali weKaizer Chiefs uPatrick Mayo akayizwa eyokunikezwa kukaYusuf Maart ibhande likakapteni kuMakhosi.

UMaart ungaphansi kwengcindezi njengoba abalandeli benganeme ngendlela adlala ngayo kule sizini. Abaningi bakhala ngokuthi awubonakali kahle hle umsebenzi awenzayo kunombolo 8. NoMayo usho okufanayo.

“Ngokwami uYusuf Maart akaqinile ukhakhayi ngokwanele ukuba wukapteni. Buka uhlobo lokapteni asebedlalele iChiefs phambilini,” kusho uMayo engxoxweni neFARPost.

“Bekukhona oPatrick Mabhedi, Cyril Nzama, Itumeleng Khune nabanye. Abantu abebengabaholi enkundleni nangaphandle. UMaart akekho kulelozinga. Uma uwukapteni kufanele ubonakale njalo. UMaart ufike adlale kahle namhlanje, anyamalale emdlalweni olandelayo.”

“Ngicabanga ukuthi kunabantu okungekho egazini ukuba abaholi. Banikezwa ibhande likakapteni ngoba bengabadlali abahle futhi bezikhandla.”