Isitobha seKaizer Chiefs u-Inacio Miguel sithi bafuna ukubuyisela izinduku kwiMamelodi Sundowns ngemuva kwesibhaxu sika 4-0 abasithola kuleli qembu eFNB Stadium.
IChiefs neSundowns bazotholana phezulu eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ngo 15:30 ntambama.
Ukuwina kweChiefs kungase kuphazamise iSundowns embangweni wesicoco, kusize izitha zokuqina zaMakhosi i-Orlando Pirates esembangweni wesicoco.
UCardoso unethemba lokuthi bazokwazi ukuyishaya iSundowns esadliwe kabili kule sizini emdlalweni ewu-18.
“Sibhekene nomdlalo onzima kule mpelasonto. Sikhombisile eFNB Stadium ukuthi singakwazi ukwenza okuthila. Sadliswa yizinto ezincane….angifuni ukukhuluma ngomdlalo wesibili [abadliwa kuwo ngo 4-0],” kusho uMiguel ekhuluma noLorenz Kohler kuYouTube.
“Kumele sikuqonde ukuthi njengamanje kumele siyihloniphe iSundowns. Noma kunjalo kodwa nathi kumele sizethembe, futhi kumele senze esikwazi ukukwenza enkundleni.”
Umdlalo wokuqala akhuluma ngawo uMiguel waphela ngo 2-1 eFNB Stadium. Owesibili banenebulwa yiSundowns ngo 4-0 kwiCarling Knockout.