Inkakha ye-Orlando Pirates uSteve Lekoelea ufisa luxazululwe ngokushesha udaba lukaMonnapule Saleng ngoba ‘basamdinga’, waveza nokuthi kunabanye abadlali abasazovela abanganeme njengaye.
ULekoelea ubeke kanje esika kwelijikayo odabeni lukaSaleng onganeme kwiBucs ngenxa yezinto ezithile, okubalwa kuzo umholo.
“Kuyadabukisa ukuzwa ukuthi ufuna ukuhamba,” kusho uLekoelea engxoxweni neKickOff.
“Kodwa ke, ibhola linjalo. Kufana nasemsebenzini ojwayelekile. Uma ufuna ukukhushulelwa umholo, kufanele ukulele – kunjalo nje. Kukhuphuka izindleko, umholo ungashintshi.
“Akuyena uSaleng kuphela; lindela ukuthi kube khona abanye abadlali abanemizwa efanayo neyakhe. Ibhola lifana nse nemboni yamatekisi, abantu bahlale bedubulana, wusiko lwakhona…
“Angifuni uSaleng ahambe kwiPirates, uwumdlali obalulekile. Ungomunye wabadlali abambalwa abangasiza iBucs ushaye iSundowns kalula,” kusho yena.
“Ukube kuya ngami bengingangenelela ngitshele iPirates ukuthi ayimnikeze akufunayo. Inkinga wukuthi uSaleng akaneme. Ngiyethemba izokwazi ukubekezela aqede inkontileka anayo, nokuthi bazokwazi ukuhlala phansi bathole uSaleng. Siyamdinga lo mdlali esikwatini.”
ULekoelea uthe kuyayilimaza iBucs ukubeka amathemba ayo kuRelebohile Mofokeng kuphela. Uthe kuyisifiso sakhe ukubona uSaleng, Nkota noMofokeng enkundleni ngesikhathi esisodwa.