Udalule okushaqisayo owoKhozi FM eshiya
USHAQISE abaningi umsakazi woKhozi FM, uSipho Mbatha odume ngelikaDJ Sgqemeza izolo eveza ukuthi akazishiyelanga kulo msakazo, kodwa kunabaphathi abathile abamkhiphe ngesango.
USHAQISE abaningi umsakazi woKhozi FM, uSipho Mbatha odume ngelikaDJ Sgqemeza izolo eveza ukuthi akazishiyelanga kulo msakazo, kodwa kunabaphathi abathile abamkhiphe ngesango.
Umethuli wezinhlelo osenohlelo ngempilo yakhe kuMzansi Magic uFelix Hlophe uthi uyazisola ngezigameko zakamuva zangasese ezimqhathe nomqashi wakhe.
UMinie Dlamini osezakhele udumo kwezikaqeda isizungu ufuna isinxephezelo sika-2.5 million kumnikazi nomethuli wePodcast & Chill uMacG, amsola ngokumehlisa isithunzi ohlelweni lwakhe.
Umsakazo waseKZN iVuma FM uzidonsele amanzi ngomsele kuvela izindaba zokuthi usuxoshe umsakazi uJacinta Ngobese-Zuma ngaphandle kwezizathu.
Umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli obesakaza noFelix Hlophe ohlelweni lwasekuseni iThe Uprising usekhethe ukuhlaba ikhefu emsakazweni ngemuva kokugxekwa ngendlela aziphatha ngayo ohlelweni iThe Real Housewives of Durban (RHOD).
Kusuke umsindo kubathandi bomculo kamaskandi emuva kokuba uDj Tira eqoke uLimit Nala ku Facebook njengomunye wabaculi abazonandisa kwiFact Durban Rocks kusasa.
Umsakazo ozinze eThekwini eGagasi FM selicele elinye lamaphephandaba aphambili KwaZulu-Natal ukuthi lihoxise udaba lokuthi luhlwithe uSelby ‘Selbeyonce’ Mkhize ngezindodla zemali kuKhozi FM.
Kushaqeke abaningi umethuli wezinhlelo ozakhele udumo kuKhozi FM uSelby ‘Selbeyonce’ Mkhize ememezela ukuthi uyashiya kulo msakazo asesebenze kuwo iminyaka ewu-13.
Usomabhizinisi osewunontandakubukwa waseThekwini Nonkuh Williams(45) ushaqe abaningi ekhipha isimemezelo sokuthi uyashiya kwiReal Housewives of Durban izolo ekhasini lakhe ku-Instagram.
Sekusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngomkhankaso oqhubekayo womunye wabasethubeni kokunqaba iBig Brother, u-Akhonamathemba Mbele odume ngelika Sweet Guluva.