Umdlali weKaizer Chiefs osanda kubuya ekulimaleni u-Edmilson Dove useyalele abalandeli baMakhosi ukuthi bangakhathazekile kakhulu ngeMamelodi Sundowns ngoba banecebo lokuyishaya.
UDove ubeke kanje ekhuluma nabezindaba njengoba esethubeni lokungenani ukuqokelwa ukuba sebhentshini emdlalweni weChiefs neSundowns kusasa.
Lo mdlali sekunezinyanga engalithinti ibhola ngenxa yokulimala ngaphambi kokuqala kwale sizini.
“Ningakhathazekile kakhulu ngeMamelodi Sundowns,” kusho yena.
“Bayiqembu elihle futhi badlala kahle, kodwa ngakolwami uhlangothi angizixaki ngokukhathazeka ngeqembu esibhekene nalo, okubalulekile esizokwenza enkundleni.
“Okwethu ukuthi sidlale ezingeni eliphezulu, ngoba ikhona esikwazi ukukulawula.”
Lo mdlali uthe bekunzima ukuhlala izinyanga engalidlali ibhola kodwa ngomusa kaNkulunkulu usekwazile ukubuyela ensimini.