Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ukhale ngokukhathala kwabadlali bakhe emdlalweni wabo neKaizer Chiefs abawunqobe ngo 1-0.
ISundowns iqinise indawo yayo esicongweni seBetway Premiership ngokuguqisa Amakhosi eLucas Moripe Stadium. Kuyisizile ukuqoqa amaphuzu aphelele kulo mdlalo njengoba iqembu elibalandela ngemuva, i-Orlando Pirates, lisuthe induku eBloemfontein.
“Bekuwumdlalo onzima ngenxa yezinto ezihlukene,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Okokuqala nje kucacile ukuthi iChiefs ibizele umdlalo omuhle, neSundowns ngokunjalo. Kodwa ke kucacile futhi ukuthi ezami bezikhathele, sikubone usaqala umdlalo lokho.
“Ngisho nabadlali basemuva bebengayifaki ingcindezi ngendlela abajwayele ukuyifaka ngayo.
“Ngesikhathi siye ekhefini ngitshele abadlali ukuthi kufanele bazethembe, bathembane ukuthi bazowuqeda lo mdlalo. Sishintshe amaqhinga esiwombeni sokuqala nasesiwombeni sesibili, sashintsha abadlali ukuze sibagcine besesimeni esihle.”
ISundowns izothola isikhathi esincane sokuphefumula njengoba izobhekana neGolden Arrows ngoLwesithathu eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.