Intatheli yezemidlalo esimkantshubomvu kuleli uPeter du Toit iseveze iqembu ebelifuna uMonnapule Saleng nokuthi inkinga ingakulomdlali njengoba eqiwa yijezi kwi-Orlando Pirates kule sizini.
UDu Toit, ongomunye wabasunguli beSoccer Laduma osephethe iSoccerBeat exhaswe yiBetway kwipodcast yayo ekuYouTube, uthi uSaleng ubefunwa yi-Al Ahly ukuze ezovala isikhala sikaPercy Tau.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Al Ahly ibihlela ukuhlukana noTau ekupheleni kwesizini edlule kodwa uze wahamba ngoJanaury nonyaka, wajoyina iQatari SC.
NgokukaDu Toit, usehabule ukuthi ukungadayiseki kukaTau yikhona okuvimbe i-Al Ahly ekutheni isayinise uSaleng sekuvunyelwene ngakho konke phakathi kwamaqembu nomdlali.
“I-AL Ahly yaxhumana ne-Orlando Pirates yabeka imali etafuleni ifuna ukusayinisa uSaleng. USaleng wayibona naye imali ababefuna ukumthenga ngayo futhi iPirates ayinqabanga ukumdayisa. Indlela iPirates ebifisa ukumsiza ngayo yaze yamhlelela iVISA yase-Egypt ukuze konke kuzoshesha.
“IPirates ibingenankinga nokumdayisa ngoba inabo abadlali abangavala isikhala sikaSaleng.”
“USaleng ubezovala isikhala sikaTau. Ngesikhathi behluleka ukudayisa uTau baqala basuka ezinhlelweni zokusayinisa uSaleng.
“Ukube uSaleng ubeqhubeka nokuziqeqesha neqembu nokudlala, mhlawumbe i-Al Ahly ibizomsayinisa ngoJanuary.”
Inkulumo kaDu Toit ngamanye amazwi ichaza ukuthi ngemuva kokungathengwa yi-Al Ahly uSaleng uqale ukuhudula izinyawo kwitraining okumenze wagcina esengaqokelwa ukudlala.
Usola abaseduze kwakhe ngokungameluleki kahle njengoba kuvela nokuthi ngo-October nyakanye ngaphambi komdlalo naMaZulu uSaleng wayalelwa ukuthi eze kwitraining ngoba uzodlala, kodwa wagcina efike ekuseni kuphela wangenza kwitraining yantambama.
Ngokomthombo kaDu Toit iPirates ifisa ashintshe ukwenza uSaleng abuye ekuziqeqesheni neqembu ngokuphelele. Uthi ukube ubeqhubeka edlala kule sizini nakanjani i-Aln Ahly ibizobuya izame ukumsayinisa sekuhamba uTau ngoJanaury.
Kuvela lokhu nje, umethuli wezinhlelo ohlonishwayo kuleli uRobert Mawara kuleli sonto uveze ukuthi uSaleng ubanga indaba yokungagcinwa kwezivumelwano ezithinta inkontileka yakhe kwiBucs.