Umqeqeshi wePSL ubhekene nenkinga yokugembula
Sekuvele ukuthi umqeqeshi obepheka elinye lamaqembu ePSL osekhululiwe esikhundleni sakhe ubhekene nenkinga okuthiwa isihaqe abaningi eNingizimu Afrika, ukugembula.
Sekuvele ukuthi umqeqeshi obepheka elinye lamaqembu ePSL osekhululiwe esikhundleni sakhe ubhekene nenkinga okuthiwa isihaqe abaningi eNingizimu Afrika, ukugembula.
Umgadli weKaizer Chiefs oshaye igoli elimqoka beginqa iMamelodi Sundowns ngo 2-1 eLoftus Versefeld ngeSonto usamile emagameni akhe okuthi bangayinqoba iNedbank Cup kule sizini.
Umqeqeshi weZamalek SC uJosé Peseiro usencome ukukhuphuka kwezinga lebhola eNingizimu Afrika waveza nokuthi iBafana Bafana useyibala kwitop 5 emazweni ahamba phambili e-Afrika.
Ngabe i-Orlando Pirates yenze iphutha elifanayo imemezela ukuthi uyahamba ekupheleni kwesizini uJose Riveiro?
Umlawuli weSARS ophethe iRoyal AM uthi ukudayiswa kwaleli qembu akuphumelelanga ngoba umuntu obesenikezwe igunya lokuyithenga uhlulekile ukukhokha.
Umqeqeshi weBenin uGernot Rohr ukholwa ukuthi kunabadlali beBafana Bafana abangadlala e-Europe ngenxa yezinga abalikhombisa kwiMamelodi Sundowns nakwi-Orlando Pirates.
IFootball Association yaseLesotho ithi isilufake kwiCAF nakwiFIFA udaba lokudlala kukaTeboho Mokoena enamakhadi amabili aphuzi emdlalweni wabo neBafana.
Umqondisi wezokumaketha kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung uthi bebengalindele ukuthi izinto zijike ngokuphazima kweso ngaphansi kobuholi bukaNasreddine Nabi
Kubikwa ukuthi iSuperSport United isigcine iqoke ukumxosha umqeqeshi uGavin Hunt njengoba iqembu lidonsa ngodizili kwiBetway Premiership.
Inkakha yeChelsea uWilliam Gallas ithi ngokwayo asikho isidingo sokugcina uJadon Sancho uma kuphela isizini ngoba akalenzeli lutho iqembu.