Kubikwa ukuthi iSARS ihlela ukudayisa iRoyal AM ukuze iqoqe imali yentela eyikweletwa wumnikazi weqembu uShauwn Mkhize.

Ngokombiko womethuli wezemidlalo kwaSABC Sport u-Andile Ncube ngathi bekunomdonsiswano phakathi kukaMaMkhize neSARS ngokudayiswa kweRoyal AM kodwa abaqoqi bentela sebekutholile abebekufuna.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMaMkhize ukweleta iSARS imali ebalelwa kuR40 million. UMaMkhize wathenga istatus seBloemfontein Celtic ngoR50 million ngo-2021. Kufanele ngabe selikhuphukile inani lokuthenga iqembu elidlala kwiPSL kodwa okuzokwehlisa inani leRoyal AM wukuthi iqembu lilengela ezembeni futhi likweleta abadlali nabanye abasebenzi imali yomholo.

Njengoba sekuwudaba oluphuthumayo, nePSL izofuna lusheshe luphothulwa udaba lokudayiswa kweThwihli Thwahla uma kukhona ozimisele ngokuyithenga ukuze kuqhubeke imidlalo.

Ngokombiko wangesonto elidlule iPSL ibisihlela ukuyixosha iRoyal AM iqhubeke nesizini ngamaqembu awu-15. Uma idayiseka lokhu kuzogwemeka.

Njengamanje iRoyal AM iphazamisa ukuqhubeka kweNedbank Cup njengoba ingakawudlali umdlalo wayo we-Round of 32 neMilford FC.

Kuzoba nedraw yamaquarterfinals namhlanje.