Lubuyela enkantolo olwenkosi u-Albert Luthuli
Kulindeleke ukuthi lubuyele enkantolo ephakeme eMgungundlovu kule nyanga uphenyo ngokufa kwenkosi u-Albert John Luthuli.
Kulindeleke ukuthi lubuyele enkantolo ephakeme eMgungundlovu kule nyanga uphenyo ngokufa kwenkosi u-Albert John Luthuli.
IWorld Health Organisation isixwayise anazwe ngobungozi bokubhema ama e-cigarettes, okubizwa nge-vaping, njengoba kuthiwa kwenziwa kakhulu yintsha esiqala ukuba ne-addiction.
Ufuna ubulungiswa umndeni wakwaMkhize eHarding, kwaMeyi, ngokubulawa kwendodakazi yawo okusolwa ukuthi yagwazwa kabuhlungu yisoka layo maqede lacela empunzini, labe selibathumela imiqhafazo lichaza futhi lixolisa.
Idlule nemiphefumulo emibili ingozi eyenzeke Kwa-Swayimane eMgungundlovu, lapho imoto iphoseke eweni.
Uhulumeni waseNingizimu Afrika usuthembise ukuqinisa imithetho ethinta ukusebenza kwezinkampani zokugembula kuleli njengoba sanda isibalo sabantu abanenkinga yakugembula ngokunjalo nesezinkampani ezisebenza ngaphandle kwemvume.
Usomabhizinisi osengene kwezepolitiki uKenny Kunene kuthiwa akahlabe ikhefu isikhathi esingangenyanga kwiPatriotic Alliance (PA) ngemuva kokutholwa endlini eyodwa nomsolwa ophambili ecaleni lokubulawa kukaDJ Sumbody.
Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende uziqhathulula ekusolweni ngokuba nesandla ekuxoshweni kukaJacinta Ngobese-Zuma kwiVuma FM.
Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu oyalelwe ukuthi ahlabe ikhefu ngenxa yezinsolo abhekene nazo, uthi usekubheke ngabomvu ukwethula uhlangothi lwakhe kwiKhomishini ezophenya ngenkohlakalo emaphoyiseni.
Umengameli Cyril Ramaphosa usewuchithile umbono wokuthi amosha imali nesikhathi amakhomishini aphenya ngezinto ezihlukene asewasungulile selokhe abekwa njengomengameli wezwe.
Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu uthi uyasamukela futhi uyasihlonipha isinqumo esithathwe wumengameli wezwe ngaye sokumhlabisa ikhefu eliyisipesheli njengoba kuzoqala iKhomishini ezophenya inkohlakalo emaphoyiseni.