Ufuna ukungenisa ngeKwaito Rap umrepha waseThekwini
Ukuzimisela kumzalele impumelelo okhiqiza amaqanda
Ngigezeke igilo ngempatho yeShisanyama yaseMayville
Izibongo | Umlando wakwaNgcobo
Uzofaka isicelo sebheyili obulale abahlanu eBergville
Uzofaka isicelo sebheyili uMlamuli Mondli Khoza (28) oboshwe ngecala lokubalala amalungu ayisikhombisa omndeni eBethany, eBergville, ngoMgqibelo ebusuku.
UPandor ufuna uMalema aveze ubufakazi ngamsola ngakho
Ekhuluma engxoxweni nabeSABC News, uMalema wanekela izwe ukuthi uPandor uyathinteka kwinkohlakalo eyawisa ibhange iVBS Mutual.
URamaphosa uthi usavuliwe umnyango kumaqembu asafisa ukujoyina iGNU
UMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi awukavalwa umnyango emaqenjini ezepolitiki angathanda ukujoyina uhulumeni wokubambisana
Iseqhulwini eyokuvimba ukushushumbiswa komakhalekhukhwini emajele
UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthi uzoqhubekela phambili nemizamo yokuvimba ukushushumbiswa komakhalekhukhwini emajele nasezitokisini.
‘Amalungu axoshwa ePhalamende ayetsheliwe ukuthi afudumeza izihlalo’ – MK
IMK Party (MKP) ithi amalungu angu-10 axoshwa ePhalamende, ayetsheliwe ukuthi ayezobamba okwesikhashana kulezikhundla.
IziNyunyana zisabisa ngokubhikishela eyokuhoxiswa kothisha abangu-2000 eWestern Cape
IziNyunyana ezimele othisha zisabisa ngokubamba isiteleka uma uMnyango weMfundo eyisiSekelo eWestern Cape ungasibuyekezi isinqumo sokuhoxisa othisha abangu-2000.
‘URamaphosa uzokhipha isinqumo ngoSimelane obalwa kwinkohlakalo yaseVBS’ – Mbalula
UNobhala-Jikelele we-ANC kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, uthi sizophuma kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, isinqumo esiwujuqu ngoNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uNksz Thembi Simelane osolwa ngokubandakanyeka kwinkohlakalo eyawisa ibhange iVBS Mutual.
Qedisizungu
UDJ Cleo ukhala ngama-influencer abaqedela umsebenzi
UPhrojusa ophinde abe umculi uCleopas “DJ Cleo” Monyepao ukhala ngama-influencer azitamuzelayo ngokupikelwa ukuzodijeya ezindaweni zobumnandi ekubeni engahlomile ngolwazi nangesipiliyoni. UDJ Cleo, obambe kuRadio 2000 kulezinsuku, uveze uvo lwakhe ngomkhakha wokudijeya ngesikhathi emenywe ohlelweni iPodcast and
Kuyaphela ngomdlalo iGqeberha: The Empire
Isiteshi sikamabonakude esizimele, uMzansi Magic, sesikhiphe isimemezelo ngokuqedwa komdlalo iGqeberha: The Empire okhonjiswa njalo maphakathi nesonto ngehora lesishiyagalolunye ebusuku (21:00).
Akafuni ukudatshukelwa umlingisi osephenduke undingasithebeni
Umlingisi owaduma kwiYizo Yizo neZone 14 uSindi Majola uthi wazikhethela yena ukuqhela endimeni kaqedisizungu kulandela ukubulawa kwamalungu omndeni wakhe ngoba kufunwa izimali zakhe.
UMakhadzi uxolisela ingoma ephathe kabi abangezwa
Isihlabani somculi waseLimpopo uNdivhudzannyi “Makhadzi” Ralivhona usecele uxolo ngengoma yakhe engehlanga kahle kubantu abaphila nokukhubazeka bokungezwa.
UJumbo ukhala ngabathi uvimbe amaciko kwiDoek on Fleek
Umculi wowokholo uJumbo useyalele abahleli beDoek on Fleek ukuthi bacacisele amaciko ukuthi akuyena oqasha amaciko azonandisa kulo mcimbi
Intaba yaseDubai ‘engozini’ yemoto
Ukhala ngebhadi elimlandelayo umculi we-Afro Pop uLindokuhle “Intaba yaseDubai” Msomi othi ube sengozini yemoto ngoLwesihlanu ebusuku. Lo mculi uthi ubesendleleni ebheke eGoli ngesikhathi elimala engozini,
UNgizwe usexolisile kuMalema nakumabhinca
Umhleli wemicimbi obuye azibize ngomengameli wamabhinca, uNgizwe Mchunu, usexolisile kumholi we-EFF uJulius Malema ngezinkulumo zakhe ngaye ngaphambi kokhetho, nangokweseka i-ANC. Kwase kushoda ozogadlal phakathi kukaMalema
UThando usakhala ngenhlamba kaSiyacela
UThando Dlamuka usecele omawakhe ukuthi bangenelele kwinhlamba ayigixabezwa wumyeni wakhe uSiyacela phambi kwengane. Esiqeshini sakamuva uThando uhlanganise abazali bakaSiyacela wacela ukuthi bangenelele esimeni esiphakathi kwakhe
UJub Jub uthi kumkhululile ukuhoxa kwecala lokudlwengula
Umculi osengumethuli wezinhlelo uMolemo Maarohanye, odume ngelikaJub Jub, uthi uzizwa ekhululekile emoyeni kulandela ukuhoxa kwecala lokudlwengula abesolwa ngalo. Kuzokhumbuleka ukuthi uJub Jub wavulelwa icala umlingisi
Intaba yaseDubai ‘engozini’ yemoto
Ukhala ngebhadi elimlandelayo umculi we-Afro Pop uLindokuhle “Intaba yaseDubai” Msomi othi ube sengozini yemoto ngoLwesihlanu ebusuku. Lo mculi uthi ubesendleleni ebheke eGoli ngesikhathi elimala engozini, waphelela esibhedlela. “Kubukeka sengathi ngizochitha usuku lwami lokuzalwa esibhedlela. Uma
Owe-Action SA uthembise uPenny Ntuli umsebenzi
UZalo luthungatha abalingisi abasha
Uxoshwe inkence encane kwiGagasi uPenny Ntuli
Join our newsletter
Ezemidlalo
UNabi uthi libasizile ikhefu leFIFA
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ubalula ikhefu leFIFA ngokubuyisa umdlandla kubadlali abatakule iqembu esimeni esibucayi lingasaphelele.
UNdoro usola isandla semfene ngokugula okwamyekisa ibhola
Owayengumgadli weZimbabwe ne-Orlando Pirates uTendai Ndoro usola ubuthakathi ngokugula okwamhlasela isikhashana okwaholela ekutheni awabeke ethala amakhokho.
UTruter ugxibhe abadlali beguqiswa yiChiefs ebingaphelele
Umqeqeshi weRichards Bay uBrandon Truter uzifake zonke enyameni kubadlali bakhe ekhala ngezinqumo ezishaqisayo abazithathe beginqwa yiKaizer Chiefs
UMngqithi akanavalo noma iDowns iqale ngebatha koweCAF
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ayimshayisi ngovalo eyokuqala ngebatha koweCAF Champions League bebhekene ne-AS Maniema Union yaseDR Congo.
URiveiro uvuma eyetwetwe abalifakelwe uMayo
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi iCR Belouizdad ibuye ngamandla sekungene uKhanyisa Mayo oshaye igoli lokubika e-Algiers kukhonya izihambeli ngo 2-1 koweCAF Champions.
Amakhosi akhuphule ingcindezi kuTruter eshaya iNatal Rich Boyz
IKaizer Chiefs ikhuphukelke kunombolo 6 kwilog yeBetway Premiership iginqa iRichards Bay FC ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ebusuku
UNabi uchaza eyamakhadi ka-Inacio Miguel
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ucela abekezelelwe u-Inacio Miguel osezakhele igama elibi ngokuqinisa unyawo noma kungafanele.
Iqembu lePSL eliqokwe yi-AI (Artificial Intelligence)
Sisebenzise iChatGPT, sayibuza ukuthi uma kungathiwa ayihlanganise iqembu elinswempu emlandweni wePSL ingabophela baphi abadlali?
OweManiema uvuma ubungozi beSundowns abacishe bayishaya
Umqeqeshi we-AS Maniema Union uPapi Kimoto uthi azobuya elambatha eLoftus Versfeld amaqembu aseMorocco i-AS FAR neRaja Casablanca asahlalelwe ukuzobhekana neMamelodi Sundowns kweyamaqoqo yeCAF Champions League.
UMngqithi uyikhombe kubadlali ‘ababili’ imbangela yokubhacaza koweCAF
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukhale ngabadlali bakhe ababili ngemuva kokubuya nephuzu elilodwa emdlalweni wabo weCAF Champions League ne-AS Maniema Union.
UMngqithi ufuna iChampions League kumnyama kubomvu
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi ukunqoba iCAF Champions League kuhleli eqhulwini lwemibandela azibekele yona kusaqala isizini.
URiveiro uthi isiphapheme emaqandeni iBelouizdad
IBucs izovakashela iBelouizdad yase-Algeria kowokuvula isigaba samaqoqo koweCAF Champions League ngoLwesibili ebusuku.
UNabi uthi akekho unozinti onendawo yakhe kwiChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi usazokhetha ukuthi uyena muphi unozinti ozoqala imidlalo kule sizini ngoba akekho osekwenze indawo yakhe ukuqala imidlalo.
UMngqithi ukhale ngephutha likaMudau bedliwa koweCarling
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi kuyishwa ukuthi benzelwe phansi wumdlali osemnkantshubomvu, uKhuliso Mudau, ngegoli lokuqala elikorwe yiMagesi FC ngesikhathi ibadla koweCarling Knocout kodwa ngeke asole yena yedwa.
UMngqithi netulo lokumangaza amaqembu angayesabi iDowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uncamela ukuthi ingasatshwa iDowns ngoba lokho kumnikeza uphawini wokuvuthela ngembudlu yamagoli emaqenjini azobazela ngobuso.
UBaloyi uthi uKhune kufanele azinuke amakhwapha njengendoda
Owayengunozinti weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uBrian Baloyi, uthi u-Itumeleng Khune kufanele azinuke amakhwapha ngesimo akuso njengamanje njengoba ededelwe esafisa ukuqhubeka adlale eNaturena.
UKhanyisa Mayo uphawula ngekusasa lakhe kwiPSL
Obengumdlali weCape Town City osedlalela iCR Belouizdad uKhanyisa Mayo uthi engakhetha iKaizer Chiefs uma kungathiwani ukhuza ibuya kwiPremier Soccer League.
URodri uthi ngeke azithele ngabandayo uma engashelwa yiMadrid
Umdlali weManchester City onqobe iBallon d’Or ebihamba nezinkulumo, uRodri, uthi engalibamba ngazo zombili ithuba lokujoyina iReal Madrid uma lingaqhamuka.