I-agent kaThalente Mbatha, uMike Makaab, ithi bazomthathela izinyathelo zomthetho oqale ukusabalalisa amanga ngalo mdlali uma engaxolisi kuye, emndenini wakhe, naseqenjini alidlalelayo i-Orlando Pirates.
Indaba yokuthi umisiwe kwiPirates ngenxa ‘yokufika ejimini ebukhile’ iqale ukusabalaliswa wu-@IamMastermind ozibiza ngentatheli kwi-profile yakhe ku-X ezintatha ngoLwesibili.
UMbatha ubesemphendulile ekuseni ngokwenza ilive video ku-Instagram wacacisa ukuthi akamisiwe kwiPirates futhi usebuyele ekuziqeqesheni neqembu ngemuva kokulimala. Uthe kungenzeka adlale kusasa koweBucs neGolden Arrows.
Ephawula kulolu daba uMakaab uthe luyaphoxa kakhulu.
“Kuyaphoxa kakhulu ukubona izinsolo ezingamanga nezidicilela isithunzi somdlali webhola nokuziphatha kwakhe. Kungamanga ukuthi uThalente Mbatha ufike ejimini ephuzile,” kusho uMakaab.
“UThalente ubelimele, usebuyele ekuziqeqesheni neqembu. Kuthunaza isithunzi somdlali ukuthi ubengadlali ngenxa yokungaziphathi kahle.
“Sifuna obhale lokhu axolise phambi komphakathi kulo mdlalo, kumndeni wakhe, naseqenjini lakhe. Uma engakwenzi lokhu sinelungelo lokuthatha izinyathelo zomthetho.
Khonamanjalo, kushaye isikhathi sokushicilela lolu daba uMastermind engakawususi umbhalo wakhe ku-X futhi ubesaphikisana nabalandeli abathi akaxolise.
