UNabi uthi kunezinto ezimbalwa azozilungisa ekhefini leFIFA
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ubonga ikhefu leFIFA elizomsiza ukuthi asebenze nesikwati sakhe ngoba ukubona kuphazamisa umgqigqo weqembu ukudlala kabili ngesonto.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ubonga ikhefu leFIFA elizomsiza ukuthi asebenze nesikwati sakhe ngoba ukubona kuphazamisa umgqigqo weqembu ukudlala kabili ngesonto.
Umqeqeshi weWydad Athletic Club, uRulani Mokwena, uthi uma abaphathi beqembu besola yena ngokungahambi kahle kwezinto kwiBotola Pro League, ucela bamkhulule ngemuva kokubona ezakhe zidlala enye idraw.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ngokubona kwakhe asephelile amathuba okuthi i-Orlando Pirates ihlwithe isicoco seligi kwiMamelodi Sundowns.
I-agent yabadlali nabaqeqeshi ehlonishwayo kuleli uMike Makaab usephakamise ukuthi baqashwe ngokugcwele onompempe bakuleli ukuze kuzokwehla izinqumo ezibhedayo eziba khona cishe kuwona wonke umdlalo manje.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usecele ukubekezelelwa ukuze afeze aze ngakho kuleli qembu, nokuthi yehle lento yokuthi ‘iChiefs isibuyile’ ngemuva kokunqoba kabili/kathathu.
Njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi lifakwe endalini iqembu likaShauwn Mkhize, iRoyal AM, sibheka esilindeleke ukuthi kwenzeke ngemuva kokudayiswa kweqembu.
Iqembu laseLimpompo iSekhukhune United liphinde lakhombisa ukungamhloniphi uLehlohonolo Seema exoshwa okwesibili iqembu lisendaweni enhle kwiBetway Premiership.
Umqeqeshi weClub Brugge exetshulwe yi-Aston Villa ngo 3-1 kowe-UEFA Champions League Round of 16 uthi uShandre Campbell usazolithola ithuba lokudlala ngemuva kokubekwa ebhentshini okokuqala kulo mqhudelwano.
Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane usencome umsebenzi owenziwa wuBongani Zungu esiswini soSuthu, wambiza ngenjini yeqembu lakhe.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uzwakalise ukungenami ngokugxekwa abanye abaqeqeshi abanomlando kwiPSL kodwa wathembisa ukuthi usamile ekutheni uzozijika izinto kuMakhosi noma eseqala ukudelelwa.