Iqembu laseLimpompo iSekhukhune United liphinde lakhombisa ukungamhloniphi uLehlohonolo Seema exoshwa okwesibili iqembu lisendaweni enhle kwiBetway Premiership.
Nangesizini edlule leli qembu lamkhomba indlela uSeema ngemuva kokummisa emsebenzini ekupheleni kwesizini iqembu likunombolo 4 kwilog. Kulokhu bamxoshe iqembu likunombolo 5 futhi lisasemqhudelwaneni weNedbank Cup.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSeema uqoke ukubuyela kwiSekhukhune ekuqaleni kwale sizini njengoba yaxosha umqeqeshi odabuka eGermany owafike waxakwa yinanazi yaseGoli uPeter Hyballa. Ngesikhathi kuqala isizini uSeema usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiSekhukhune okusho ukuthi uzohlomula ngokuxoshwa kwakhe.
Ngokubona kwami besingekho isidingo sokuthi iqembu lixoshe uSeema ngoba usekuveze kaningi kwiPSL ukuthi uwumqeqeshi osezingeni eliphezulu.
Uma kunezinkinga phakathi kwakhe nabaphathi beqembu mhlawumbe kuzocishe kube yinto ezwakalayo kodwa nakhona, yini le engalungiseki phathi kwabaphathi nomqeqeshi obeke iqembu endaweni ehloniphekile.
USeema uxoshwa nje bese kunamasonto ehleli ngesinqe esisodwa kwiBabina Noko njengoba bekunemibiko yokuthi abaphathi beqembu baxoxisana no-Eric Tinkler. Sekuvele namahlebezi okuthi uSeema ubengayizwa eyokubambisana noTinkler kwesokuqeqesha iqembu.
Leli qembu limemezele ukuthi uKaitano Tembo noPaulus Masehe bazoqhubeka nomsebenzi wokupheka iqembu kuze kuphele isizini.
ISekhukhune izobhekana neMamelodi Sundowns kuma-quarterfinals kusasa ngo-8 ebusuku.