I-agent yabadlali nabaqeqeshi ehlonishwayo kuleli uMike Makaab usephakamise ukuthi baqashwe ngokugcwele onompempe bakuleli ukuze kuzokwehla izinqumo ezibhedayo eziba khona cishe kuwona wonke umdlalo manje.

NgoMgqibelo kusuke umsindo ngezinqumo zikanompempe ngemuva komdlalo weKaizer Chiefs neStellenbosch FC. Ngemuva komdlalo umqeqeshi weStellies uSteve Barker wakhala ngokubanjwa inkunzi, wenza nezinye izibonelo la akholwa khona ukuthi badliswa yizinqumo ezingekho zikanompempe. Nabalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana bebelokhu bekuveze njalo ukuthi nayo iStellies ihlomulile njengoba bethi Amakhosi bekufanele athole ipenalty futhi nomdlali weStellies uToure bekufanele athole ikhadi elibomvu ngokushaya uGaston Sirino ebusweni.

Izolo kunabakhale ngepenalty encishwe iDurban City emdlalweni wayo neMarumo Gallants, yagcina ikhishwe ngo 4-1 kuma-penalty.

Ekuqaleni kwale sizini abaningi bacele ukuthi kufakwe iVideo Assistant Referee (VAR) ukuze ilekelele izinqumo zonompempe kodwa okwamanje akucaci izofakwa nini. Unqgongqoshe wezemidlalo wagcina ethe bazoyifaka ngo-April, kodwa ukuthuleka ngayo kwenza sikholwe wukuthi yinto ezoba khona ngesizini ka-2025/2026.

UMakaab uthi abaqashwe ngokuphelele onompempe.

“Kuyadabukisa ukuthi izinga lonompempe liyehla ebholeni lethu okuyinto ethinta ngqo ukwethembeka komdlalo,” kusho uMakaab ebhala ekhasini lakhe ku-X.

“Akulungole ukuthi kuzuza iqembu elilodwa ngalento. Uma ubuka imidlalo emningi uzobona izinqumo ezibhedayo ngapha nangapha. Sekuyisikhathi sokuthi baqashwe ngokuphelele onompempe nabasizi babo, sicabange nangobuchwepheshe obuzobasiza.”

Njengamanje onompempe bakuleli bayilento ebizwa ngo ‘semi-professional’ ngoba abaqashiwe ngokugcwele, kuneminye imisebenzi abaqashelwe kuyo ngokugcwele.

Ukuqahswa konompempe ngokugcwele kuzoqinisekisa ukuthi bagxila emsebenzini wabo ngaso sonke isikhathi, banikezwe itraining ezothuthukisa ulwazi lwabo ngaso sonke isikhathi, futhi ngabe sebeqeqeshelwe nokusebenzisa ubuchwepheshe beVAR okungenye yezinto ezobambezela ukufakwa kwalobu buchwepheshe. Onompempe abaningi abakwazi ukuyisebenzisa.