Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi ngokubona kwakhe asephelile amathuba okuthi i-Orlando Pirates ihlwithe isicoco seligi kwiMamelodi Sundowns.

UBroos ubeke lo mbono ngesikhathi exoxa nabeSABC Sport ngemuva kokwethula isikwati seBafana isizodlala eyokuhlungela iFIFA World Cup. IBafana izobhekana neLesotho ngo-21 March ekhaya, bese ibhekana neBenin ekuhambeni ngo-25 March.

Lo mqeqeshi uphinde waqinisa ekuqokeni abadlali beSundowns njengoba ebize uRonwen Williams, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Tebogo Mokoena, Jayden Adams, Thapelo Morena, Bathusi Aubass no-Iqraam Rayners. KwabePirates ubize uSipho Chaine, Nkosinathi Sibisi, Thalente Mbatha, Patrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng.

Ephawula ngalawa maqembu asembangweni wesicoco, uBroos ubeke kanje:

“ISundowns izophinde inqobe isicoco ihamba phambili ngamaphuzu awu-12 kuya ku-15. IKaizer Chiefs isathwele kanzima,” kusho lo mqeqeshi ekhuluma ngesimo samaqembu amakhulu kuleli.

“Mhlawumbe kuzoyicasula lokhu iSundowns, kodwa iligi ilula kakhulu kubona. Kusasele imidlalo ewu-8 kuphele isizini, sekufana nokuthi bangompetha, ngaphandle uma bezoqala ukudliwa.

“IPirates inemidlalo emine esandleni kodwa kufanele iyinqobe yonke. Ngeke kube lula ukuyinqoba.”

ISundowns nePirates bazotholana phezulu ngeSonto eFNB Stadium ngo 15:30 ntambama okuzonikeza Ezimnyama ithuba lokunciphisa igebe, ziphazamise nomgqigqo weSundowns.