Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usecele ukubekezelelwa ukuze afeze aze ngakho kuleli qembu, nokuthi yehle lento yokuthi ‘iChiefs isibuyile’ ngemuva kokunqoba kabili/kathathu.
Lo mqeqeshi uveze lokhu engxoxweni ne-iDiski Times lapho agcizelele khona ngomsebenzi awuqashelwe wokubuyisela iChiefs endaweni eyifanele.
UNabi uthi lokhu ngeke kwenzeke ngokuphazima kweso, kuzothatha isikhathi ukuthi abuyisele iqembu ezingeni ngakho ke ucela ukubekezelelwa ngoba mkhulu umsebenzi osezandleni zakhe.
“Ngidingani? Ngidinga ukubekezelelwa. Ukubekezela nokuqonda ukuthi sikusiphi isimo njengamanje okuzosisiza,” kuchaza yena.
“Kumele sikwazi ukunqonda izizathu uma sidliwe, uma siwinile futhi akungathi uma sinqobe imidlalo emibili emiithathu bese sithi iChiefs isibuyile. Cha. Sibhekene nohambo olunzima okumele siluthathe izigaba ngezigaba, ngokubekezela nokuhliniphana.
“Kwesinye isikhathi abantu babuye bengahloniphi, ngiyakuqonda okwabalandeli ngoba basuke bekhiphe imali ukuze bezosibuka.
“Ngidinga ukuthi wonke umuntu abekezele. Angiyena umqeqeshi ozothi uma ebona ukuthi akuhambi kahle ahlale ngenxa yemali, angiseyena umuntu onjalo. Ngiyazethemba futhi nginethemba elikhulu ukuthi ngizokuzuza engize ngakho ngenxa yamava enginawo.”