Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane usencome umsebenzi owenziwa wuBongani Zungu esiswini soSuthu, wambiza ngenjini yeqembu lakhe.
UZungu uzelwe kabusha selokhu ejoyine AmaZulu FC njengoba ekhombisa ukuba wumdlali onamava futhi oyilento ebidingwa wuZwane esiswini seqembu lakhe.
Lo mdlali ushaye into ecokeme ngesikhathi AmaZulu eguqisa iCape Town City ngo 2-0 ngeSonto eKing Zwelithini Stadium.
“Kudingeke ukuthi simphumuzele umdlalo ozayo uBongani ngoba uyinjini yeqembu,” kushi uZwane echaza ngesinqumo sokukhipha uZungu emdlalweni wabo neCity.
“Uyena olawula yonke into njengamanje. UBrooks noHuman badlala ngomfutho ngoba basebasha, kodwa akumele uzitshele ukuthi bazodlala njengoBongani. Uyena olawula konke.
UZungu ujoyine AmaZulu ngoDecember ngemuva kokuhlala izinyanga ethungatha iqembu elisha kulandela ukuhlukana neMamelodi SUndowns ekupheleni kwesizini edlule.