Umqeqeshi weKaizer Chiefs uzwakalise ukungenami ngokugxekwa abanye abaqeqeshi abanomlando kwiPSL kodwa wathembisa ukuthi usamile ekutheni uzozijika izinto kuMakhosi noma eseqala ukudelelwa.
UNabi ubeke kanje ngemuva kokuthola induku kwiSundowns eLucas Moripe Stadium. Lo mqeqeshi unakho ukukhuohukelwa wumoya uma ezakhe zithole induku kanti nayizolo kuphinde kwenzeka esekhuluma nezintatheli, eveza ukuthi akukho mnandi ukubona umsebenzi wakhe ugxekwa ‘ozakwabo’.
“Ngizokwenza konke okusemandleni ukubeka iKaizer Chiefs endaweni eyifanele. Ukugxekwa kuyingxenye yomsebenzi kodwa ke kwesinye isikhathi kukhombisa ukungangihloniphi ukubona abanye abaqeqeshi, abangozakwethu, begxeka umsebenzi wami.
“Uma bezogxeka umsebenzi wami ikakhulukazi ngoba bebona ukuthi asikho esimeni esihle, ukungidelela lokho futhi kungiphathe kabi. Angiphathi ke ukugxekwa umqeqeshi okungenzeka ukuthi ngabe usesimeni esifanayo nami noma oseke wabhekana nenkinga efanayo phambilini.”
Noma engalivezanga igama lomuntu abekhuluma ngayo, ngenyanga edlule uPitso Mosimane ube namagama ambalwa ngabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, Orlando Pirates neKaizer Chiefs. Wathi akawuboni kahle umsebenzi owenziwa wuNabi, kodwa ‘uyazama’. Inkulumo kaPitso yayinokumbhuqa phakathi uNabi.
UNabi uthe noma egxekwa ukholwa wukuthi unamava aqinile futhi uzokuzuza afisa ukukwenza kwiChiefs.