Umqeqeshi weClub Brugge exetshulwe yi-Aston Villa ngo 3-1 kowe-UEFA Champions League Round of 16 uthi uShandre Campbell usazolithola ithuba lokudlala ngemuva kokubekwa ebhentshini okokuqala kulo mqhudelwano.
UCampbell ugcine engangenanga izolo kodwa ubebabukela eduzane ozakwabo bebhuquziswa yiqembu lika-Unai Emery esiwombeni sesibili ngemuva kokudlala kahle kwesokuqala.
Lo mdlali ubesanda kukhushulelwa kwi-first team, kodwa indlela adlala ngayo iphoqe umqeqeshi ukuthi amfake kwisikwati seChampions League.
“UShandre uziqeqesha neqembu elikhulu manje,” kusho umqeqeshi weqembu uNicky Hayen.
“Uzivezile ukuthi usezingeni elihle kwiClub NXT. Yindlela esesibenza ngayo le. Umdlalo okhombisa ukuba nekhono simkhuphulela eqenjini elikhulu athole imizuzu yokudlala uma kungenzeka.
“Uma sekufanele, uzolithola ithuba lokungena enkundleni naye.”
Lo mdlali kungenzeka athole ithuba lokudlala ekuhambeni njengoba emaningi amathuba okuthi ikhishwe iClub Brugge. Uma iVilla ivalela elinye igoli emlenzeni wesibili, kungenzeka umqeqeshi aqoke ukunikeza abafana abancane amava okudlala kwiChampions League.
UCampbell uvalele amagoli ayisithupha emdlalweni ewu-15 kwiClub NXT.