Njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi lifakwe endalini iqembu likaShauwn Mkhize, iRoyal AM, sibheka esilindeleke ukuthi kwenzeke ngemuva kokudayiswa kweqembu.
Izolo sibikile ukuthi umlawuli weSARS ukhiphe umyalelo wokuthi abafisa ukuthenga iThwihli Thwahla kufanele bafake izicelo zokuthenga iqembu ngo-14 kuMarch.
Ukufaka izicelo kuzovulwa ngo-8 ekuseni, kuvalwe ngo-1 ntambama. Lokhu kusho ukuthi kuzobe kuyindali yokuqhudelana (auction). Uma ufuna ukungena kuyo, kufanele ukhokhe ideposit kaR1 million (ezobuyiswa).
Ozophumelela ekuthengeni iThwihli Thwahla uzomenyezelwa ngoMarch 17 bese kuqala umsebenzi wokulungiselela imidlalo esabhekene neqembu kule sizini.
Okwamanje asiqondakali isimo sabadlali beRoyal AM kodwa abaphathi balo bagcine ukukhuluma ngokuziqeqesha kweqembu phakathi nenyanga edlule ngesikhathi bekhohlisa abadlali bethi sekuyalunga, sebezobuyela enkundleni.
Abadlali kungenzeka babuyele enkundleni iRoyal AM sekungelinye iqembu, kodwa izoqhubeka isebenzise uRoyal AM kuze kuphele isizini.
Njengamanje leli qembu lisadlale imidlalo ewu-11 kuphela. Noma isele, akukho kubi kakhulu uma ubuka ukuthi i-Orlando Pirates neGolden Arrows banemidlalo ewu-17, okusho ukuthi bayishiya ngemidlalo eyisithupha kuphela.
Iningi lamaqembu kodwa selidlale imidlalo ewu-20/21.
Ngenxa yokusala ngale ndlela, iRoyal AM ingazithola idlala kathathu esontweni elilodwa, inqobo nje uma kuhlonishwa umthetho weFIFA othi kufanele kube namahora awu-48 phakathi kwemidlalo yeqembu elilodwa. Kungenzeka idinge ukukwenza kanye lokho ukuze kunciphe igebe lemidlalo esele ngayo ebese ibuyela ekudlaleni kabili ngesonto.
Ukusala kweRoyal AM kungase kubambezele imidlalo yama-playoff ePSL adlalwa yiqembu eliqeda kunombolo 15 kwiBetway Premiership kanye namabili avela kwiMotsepe Foundation Championship.
Umnikazi omusha weqembu kuzofanele alungise indaba yemali ekweletwa abadlali nabanye abasebenzi beqembu okubalwa kubo nonogada. Kusanesikweletu sikaSamir Nurkovic esibalelwa kuR15 million okumele sikhokhwe kungaze kuphinde kungenelele iFIFA, engase inqume ukuthi kufanele iphucwe amaphuzu iRoyal AM, ngakho ke wudaba oluphuthumayo.
Abaphathi abasha kuzofanele bayofonqa isigqoko kuMasipala waseMsunduze beyocela ukuthi okungenani baqhubeke nokuxhasa iqembu kuze kuphele le sizini ukuze bezokwazi ukumelana nezinye izindleko zeqembu njengokuqasha inkundla yemidlalo yasekhaya.
Njengoba abanikazi abasha beqembu bezomenyezelwa ngoMarch 17, silindele ukuthi okungenani abadlali banikezwe isonto ukuthi balungiselele ukudlala okusho ukuthi iRoyal AM ingase ibuyele enkundleni ngempelasonto yangoMarch 22 noma eyangoMarch 28.
Okwamanje akekho osaphumele obala ngesifiso sokuthenga iRoyal AM kodwa uma sizihlaziyela kwiGibela Sport, ngeke sithuke ukubona abaphathi beCape Town Spurs bebalwa kwabazama ukuthenga njengoba idonsa ngodizili kwiMotsepe Foundation Championship.