Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi usebonga ikhefu leFIFA athi lizomsiza ukuthi asebenze nesikwati sakhe ngoba ukubona kuphazamisa umgqigqo weqembu ukudlala kabili ngesonto.
UNabi ubeke kanje ngemuva kokubuka ezakhe zishaywa yiRichards Bay FC ngo 2-0 koweBetway Premiership eMlazi ngeSonto ntambama.
Umphumela ushiye iChiefs ikunombolo 8. Amathemba okuqeda kunombolo 3 eseqala ukushabalala njengoba iStellenbosch FC iqoqe amaphuzu aphelele emdlalweni wayo neSekhukhune United.
“Akukho okutheni ongakwenza uma ubhekene nemidlalo emibili njalo ngesonto,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Kuyiqiniso ukuthi sithwele kanzima phambili. Njengoba kuza ikhefu leFIFA ngiyethemba sizokwzi ukulungisa izinto ezimbalwa.”
“Sizama ukwakha iqembu. Iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs ngeke lihlangane ezinyangeni eziyisithuoha noma eziyisikhombisa. Kuzothatha isikhathi.”
“Sizazi kahle izinto ezidinga ukulungiswa eqenjini. Umphumela womdlalo owodwa ngeke ukushintshe okufanele sikwenze.”
IChiefs isalelwe yimidlalo ewu-8 kwiligi kule sizini kodwa isanethuba lokunqoba neNedbank Cup. Uma inqoba iNedbank Cup kuzoyisiza ngoba izodlala nakwiCAF Confedarations Cup.
Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neGolden Arrwos eHammarsdale ngoMarch 30.