Umqeqeshi weWydad Athletic Club, uRulani Mokwena, uthi uma abaphathi beqembu besola yena ngokungahambi kahle kwezinto kwiBotola Pro League, ucela bamkhulule ngemuva kokubona ezakhe zidlala enye idraw.

IWydad ibambane ngo 1-1 ne-IR Tanger izolo, uThembinkosi Lorch uvalele igoli lakhe lokuqala kuleli qembu selokhu elijoyinile esuka kwiSundowns nge-loan.

Bekungokwesine kulandelana iWydad idlala idraw, okuyisuse kunombolo 2 kwayehlisela kunombolo 3. Iqembu elizoqeda kunombolo 2 lizojoyina ozonqoba iligi kwiCAF Champions League yangesizini ezayo. UMokwena usalelwe yimidlalo emihlanu ukuqinisekisa ukuthi kuyafezeka lokho njengoba iRS Berkane isihambe naso isicoco seligi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRulani uthe uyayithanda iWydad kodwa wavuma ukuthi ingcindezi isiqala ukuzwela.

“Ngiyalithanda kakhulu leli qembu – uma kuyimina inkinga kwiWydad, ngizophakamisa isandla kuqala ngicele imvume yokubuyela eNingizimu Afrika.”

“Uma kuyimina inkinga, ngiyamuvumula umengameli weqembu ne-board ukuthi bangikhulule, uma inkinga ikumina.”

IWydad isele ngamaphuzu amabili kwi-ASFAR ekunombolo 2.

Ngeledlule abalandelu beqembu babhalela lo mqeqeshi incwadi bezwakalisa ukungenami ngemiphumela yeqembu muva nje ngokunjalo nokuzwa uMokwena ebakhomba ngomunwe ebasola ngokumhlukumeza.