Sekusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngomkhankaso oqhubekayo womunye wabasethubeni kokunqaba iBig Brother, u-Akhonamathemba Mbele odume ngelika Sweet Guluva.

Abalandeli bale nsizwa edabuka eNquthu KwaZulu-Natal baphusha umkhankaso wokumqoqela amavoti kuze kube ufinyelela ekugcine adle umhlanganiso.

Ozonqoba uSeason 5 kaBig Brother uzohlabana ngoR2 million.

Izolo umkhankaso wokuthi kuvotelwe abaqhudelana kulo mqhudelwano uqale ukujika kancane abanye osaziwayo nabantu ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukungenami ngokuxinwa, ikakhulukazi ngabalandeli bakaGuluva okukholwa ukuthi usembangweni no-Uyanda Hlangabezo waseGqeberha.

Omunye wosaziwayo ozwakalise ukungenami ngokuxinwa kube wumsakazi weVuma FM uJacinta Ngobese-Zuma.

Ubhale kanje ekhasini lakhe kuFacebook:

“Nkosi yami angiyibuki iBig Brother, angikaze ngiyibuke futhi ngiyakungabaza ukuthi ngiyoke ngiyibuke. Into engigxile kuyo kuphela njengama imashi.

“Ngizocela ningixolele kancane ngalento yokuthi kumele ngikhankasela othile. Angazi nokuthi ubani lo muntu wenu. Ngiyanicela bandla.

“Ngeke ngiyeke ukukhankasela into ebaluleke kanje ukuze ngibhekane nomdlalo waku tv. Anginankinga kwenzeni nina kodwa sengiyawabonga ama-inbox enu ngomkhankaso.”

Nomethuli wezinhlelo ohlonishwayo kuleli uSomizi Mhlongo naye uzwakalise ukunengeka kwivideo ayifake ekhasini lakhe ku-instagram wathi abalandeli bakaGuluva sebemonela izinto ngendlela abaphusha ngayo.

“Bantu bakaSwet Guluva, abanye bethu abayibheki iBig Brother kodwa sesiyazi ukuthi kukhona lo Sweet Guluva wenu ngoba nisibangela isidina. Nizomumoshela amathuba agcine engawinanga ngoba nibanga isidina nisitshela ukuthi simvotele. Ngicela niwuyeke lo mkhuba, ngicela niyiyeke lento kuma-comments ami,” – kusho uSomizi ovale ivideo yakhe ngokunxapha.

Uzomenyezelwa ngeSonto onqobe useason 5.