Umsakazo ozinze eThekwini iGagasi FM selicele elinye lamaphephandaba aphambili KwaZulu-Natal ukuthi lihoxise udaba lokuthi luhlwithe uSelby ‘Selbeyonce’ Mkhize ngezindodla zemali kuKhozi FM.
Lo msakazi ushiye uKhozi kuleli sonto wajoyina iGagasi eseliqalile ukumethula sakumfihla ezinkundleni zokuxhumana.
Ngemuva kokuvela kwalezi zindaba Ilanga libhadlaze eyokuthi iGagasi libeke imali ebiconsisa amathe phambi kukaSelby, waqoka ukulijoyina kanjalo.
Esitatimendeni esikhishwe yiGagasi izolo bathi lolu daba alunasisekelo futhi luyahlawumbisela. Okuqaphelekile nokho wukuthi abasho ukuthi lungamanga. Likhala ngokuthi okuvezwa odabeni kungalimaza isithunzi seGagasi kuphinde kuthikamezeke izinto ezithinta izimali.
Libe selicela ukuthi luhoxiswe noma lulungiswe lolu daba ngokushesha, kodwa langaveza ukuthi uzoholelwa imali engaphansi noma engaphezulu kwabeyihola kuKhozi uSelby.
Gagasi FM urges @IlangaNewspaper to retract speculative comments made in their article regarding Gagasi FM, published 19 June 2025#GagasiFM#TheSoundOfKZN pic.twitter.com/2e4i85ToWR
— Gagasi FM (@gagasifm) June 19, 2025