UMinie Dlamini osezakhele udumo kwezikaqeda isizungu ufuna isinxephezelo sika-2.5 million kumnikazi nomethuli wePodcast & Chill uMacG, amsola ngokumehlisa isithunzi ohlelweni lwakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMacG ezinyangeni ezedlule wazwakala ekhuluma ngoMaDlamini, etusa ubuhle bakhe waphinde wabuza ukuthi kungani ehluleka ukugcina abantu besilisa asuke esebudlelwaneni nabo ngoba phela kuyabonakala ukuthi unakho konke akashodi ngalutho.
Lenkulumo yakhe yadalwa yisitatimende esasikhishwe iloyo owayesebudlelwaneni noMinnie,uBrian Monaisa, edalula ukuthi impela obekubahlanganisile noMaDlamini sekuphelile.
UMacG wasizakala wafa ngaleso sitatimende sika Monaise ngoba wabe esenezezela ngokuthi mhlawumbe kukhona okungalungile ngesitho sangasese salo methuli wezinhlelo.
“Mhlawumbe inanazi yakhe iyanuka,” kusho uMacG.
Inkulumo yakhe imdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli bohlelo lakhe ikakhulukazi abesifazane okwaze kwaphoqeleka ukuthi agcine esezehlisa, acele ushwele kuMaDlamini.
“Ngicela ukumema uMinie, wamukelekile ukuza ohlelweni. Lento iqale ohlelweni, asiyiphethe khona ngoba kunezinto azisho nami kunengazisho, asiyivale ingunaphakade,” kusho uMacG.
UMaDlamini akayiphendulanga inkulumo kaMacG njengoba eseveze akufunayo, okuyisinxephezelo sokugeza igama lakhe alidicilele phansi kanye nokuthunaza isithunzi sabantu besifazane.