Londiwe Mthethwa
Kushaqeke abaningi umethuli wezinhlelo ozakhele udumo kuKhozi FM uSelby ‘Selbeyonce’ Mkhize ememezela ukuthi uyashiya kulo msakazo asesebenze kuwo iminyaka ewu-13.
USelby ubesemnkantshubomvu kulo msakazo aqala ukusebenza kuwo ebambe iTop 20 chart show. Ushiya nje ubesebalwa nabasakazi ‘abakhulu’ oKhozini njengoba ebesethula uhlelo lwantambamba phakathi nesonto ngo-3 kuya ku-6 ntambama, okuwuhlelo alwenza noKhathide “Tshatha” Ngobe.
Lo msakazi usezuze izindondo eziningi kakhulu kulo loluhlelo.
Ebhala ekhasini lakhe ku-Instagram uthe: “Isikhathi sami sokuba ngivalelise emsakazweni omkhulu uKhozi Fm, sesifikile,” – eqhuba ugqamise ukuba uyambonga uNkulunkulu ngekhono amuphe lona futhi akalibukeli phansi.
“Ngiyabonga kuMdali ngomsebenzi oyingqayizivele kangaka emhlabeni wonke jikelele, amathuba osungiphe wona, abantu esengihlangane nengisebenze nabo, kanye nezimpilo engizithintile. Nkosi Ngiyabonga ,” kusho uSelby
Ubonge kakhulu abalaleli, ebonga nokuthi bamamukele ngezandla ezifudumele nezimhlophe kulo msakazo.
Akukacaci kahle ukuba lomsakazi ushiya nje uyaphi kodwa ikhulunyelwa phansi eyokuba kungenzeka abuyele kwiGagasi Fm elingenawo umsoco otheni ohlelweni lwantambama olushayelwa wuSphectecula noNaves njengoba engasekho uZisto.
USelby uzobe ebambe uhlelo lwakhe lokugcina namhlanje oKhozini.