USHAQISE abaningi umsakazi woKhozi FM, uSipho Mbatha odume ngelikaDJ Sgqemeza izolo eveza ukuthi akazishiyelanga kulo msakazo, kodwa kunabaphathi abathile abamkhiphe ngesango.
Ebhala ezinkundleni zakhe zokuxhumana, uSgqemeza uthe kungamanga aluhlaza ukuthi uyena oziyekele kulo msakazo ngoba efuna ukuyoqhubeka nokuvangela.
“Angiyiqondise le nkulumo, angikaze ngicele ukuyeka emsakazweni kodwa umsebenzi ebenginikwa lona, ngithe uma ngihlala phansi nomndeni wami sibonisana, kwacaca ukuthi akuyona into okumele ngiyamukele,” usho kanje.
Ukhale ngendlela abaphathi balo msakazo abaxhumane ngayo naye uma bemazisa ngezinguquko, wayichaza njengengamukelekile. Uthe kodwa akafuni ukukhuluma ngayo kakhulu okunalokho ukhethe ukuvele abhalele izikhulu zenhlangano yozokusakaza elawula lo msakazo, kube yizo eziqhubeka nodaba lwakhe.
Eqhuba uthe ngeke akufihle ukuthi akaphathangwa kahle futhi nodaba lwakhe alusingathwanga ngendlela efanele.
“Ziyihlazo izizathu okuthiwa zisetshenzisiwe ukuhlonza izizathu eziholele ekutheni kukhishwe isinqumo ngodaba lwami. Ngisaba ngisho ukuzisho, kodwa ngifisa ukubonga bonke abalandeli bami ngokungeseka kuyo yonke le minyaka ngikulo msakazo engisawuhlonipha namanje,” egcizelela.