Ntombifuthi Buthelezi

Umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli obesakaza noFelix Hlophe ohlelweni lwasekuseni iThe Uprising usekhethe ukuhlaba ikhefu emsakazweni ngemuva kokugxekwa ngendlela aziphatha ngayo ohlelweni iThe Real Housewives of Durban (RHOD).

Lolu hello lukhiphe ivideo ekhombise isiqephu esiphelele ngokwenzeka phakathi kukaMinnie nonontandakubukwa ophinde abe wumculi uLondie London, embeka umunwe esiphongo bebanga indaba yokungahloniphani.

I-video ebikhombisa lesisigameko isabalale ngokukhulu ukushesha ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kuTiktok ngesonto eledlule. Ngokwevideo uNtuli wayecele ukuba nengxoxo no London ngenhloso yokumbuza ukuthi kungani ebuze amanye amalunga akwiRHOD ukuthi uzalwa ngabazali abanjani ngenxa yokuziphatha kwakhe.

Leyongxoxo ayihambanga kahle ngenxa yokuhluthuka kwezinhliziyo kulaba ababili okwaholela ekutheni uNtuli agcine esehlokoloza uLondon ngomunwe esiphongweni.

“Umama wami nobaba wami akusibona abangani bakho. Basebenze kanzima kabi ukuze ngibe lapha engikhona namhlanje,” kusho uNtuli kwivideo.

Isenzo sakhe simdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli bohlelo, abanye babo abangabalaleli beGagasi FM. Abanye baqala umkhankaso (petition) wokuthi axoshwe emsebenzini kodwa iGagasi lashesha lakhipha isitatimende licacisa ukuthi ngeke kwenzeke lokho ngoba ligqugquzela ukuthi uNtuli no London bathethelelane.

UNtuli ube esekhipha isitatimende exolisa kubona bonke asebenza nabo ukuvezile ukuthi ubeseke wakhuluma nabo ngaphambi kokuba akhiphe isitatimende. Uthe akanankinga nokubonana nabo ubuso nobuso uma bezimisele ngalokho.

“Ngiphoxe umndeni wami, abantu engisebenza nabo, abangani bami kanye nabalaleli bami abathembekile, abangilalela nsuku zonke,” kusho uNtuli.

Uthe uzohlaba ikhefu ngenhloso yokuyothola usizo lokululekwa ngokomqondo kodokotela abaqeqeshelwe ukwenza lokho, kuzokhumbuleka ukuthi nasesitatimendini esakhiswa umsakazo iGagasi FM sakudalula ukuthi bazoqinisekisa ukuthi uNtuli uyaluthola usizo kodokotela ukuze ezokwazi uzilawula uma ediniwe.

Kuleli sonto uFelix uhlelo lwasekuseni ulubambe noNkulee Mbatha.

Khonamanjalo, uLondie kwi-Reunion yeRHOD uveze ukuthi umvulele icala uMinnie Ntuli ngokumbeka isandla ngokunjalo nokuhlambalaza isimilo/isithunzi sakhe (defamation of character).