Londiwe Mthethwa 

Usomabhizinisi osewunontandakubukwa waseThekwini uNonku Williams (45) ushaqe abaningi ekhipha isimemezelo sokuthi uyashiya kwiReal Housewives of Durban izolo ekhasini lakhe ku-Instagram.

UNonkululeko Williams u=qale ukubonakala kuloluhlelo ngesizini yesibili, kanti usanda kukhipha incwadi yakhe esihloko sithi “Unapologetically Me” – echaza kabanzi ngempilo yakhe.

Ebhala ekhasini lakhe uveze ukuthi ukuthatha isinqumo sokushiya uhlelo bekungelula kodwa emuva kokuzihlolisisa okunzulu ubone kuyinto efanele ukuba ayenze.

“Uma ngizibuka kumabonakude ngibhekana nokwenzeka ngempela kunzima ukwamukela. Owesifazane engimubonayo akuyena engimaziyo nengimhloniphayo. Ngidlale indima enkulu kuloluhlelo ukuba lube iloku okufunekayo nokuthi lukhule,” kuchaza uNonku.

Eqhubeka uthe ukudicilelana kwabantu besifazane phansi kanye nezimpi ezingapheli kanye nenhlebo yizona zinto ezimkhathaze umoya.

“Uma ngibuka ikusasa, nginomthwalo ngaphezu kwami wokwenza isiqiniseko sokuba ngiba owesifazane oyisibonelo esihle ezinganeni zami, abantu engikholwa nabo kanye nasemphakathini wabantu engisondelene nabo.

“Ngifuna ukwenza umehluko, ngishiye negama elihle ngami emhlabeni kodwa uma ngiqhubeka nalolu hlelo nezinhloso zalo eziphazamisayo futhi eziphambene nalokhu engifuna ukukuzuza angeke ngikuzuze,” kusho uWilliams.

Lo somabhizinisi udlulise ukubonga okukhulu kulabo abamusekile kusukela esayiqala indlela yokuba sohlelweni okufanele engabe empeleni luveza abesifazane abashadile baseThekwini.