Londiwe Mthethwa 

Kusuke umsindo kubathandi bomculo kamaskandi emuva kokuba uDj Tira eqoke uLimit Nala ku Facebook njengomunye wabaculi abazonandisa kwiFact Durban Rocks kusasa.

Izolo uTira ubhale ekhasini lakhe kuFacebook  wathi abalandeli abaqoke umculi kamaskandi othandwa yibo ozonandisa kwi Fact Durban Rocks ayenza minyaka yonke ngempelasonto yeHollywoodbets Durban July.

Ngokulindelekile abaningi bebeqoka “amaqhawe abo” okunguMthandeni Sk Igcokama Elisha, kanye no Khuzani Mpungose. Laba baculi ababili bamaskandi sekujwayelekile vele ukuba abalandeli babo baqhudelane ngokuthi ubani oyinkosi kamaskandi phakathi kwabo.

Kube Ingwijikhwebu lapho u Tira esezwakalisa ukuba umculi amkhethile ukuba acule kulo mcimbi u Limit Nala ngoba bekukulindelekile ukuba “mhlawumbe” u Mthandeni adle umhlanganiso ngoba igama lakhe beliqokwe kaningi kunamanye.

Omunye wabalandeli ukhomente wathi uTira uyayizonda lensizwa yakwaManqele okuyingakho engaqokanga yona. UTira eziphendulela uthe akuve kungoba emzonda uMthandeni, futhi uyinsizwa asuka nayo KwaHlabisa. Uthe into emenze waqoka uLimit yingoba uMthandeni wayekhona kulomcimbi ngonyaka owedlule kanti ubefuna ukunika ithuba umuntu ongakaze anandise kwiFDR phambilini.

Ulimit Nala insizwa esencane engumculi kamaskandi edabuka eNkandla, lensizwa idume kakhulu ngezingoma zayo ezimnandi kakhulu okubalwa kuzo ethi ‘kulate’ , ‘awuhlabe kabili’ naleyo ethi ‘uvume kanjani’.