Kushone abawu-12 be-EFF engozini yebhasi neloli ngaseVryheid
I-Economic Freedom Fighters isikuqinisekisile ukuthi kushone amalungu ayo awu-12 engozini yebhasi neloli eyenzeke izolo ebusuku kuR34 ngaseVryheid, KwaZulu-Natal.
I-Economic Freedom Fighters isikuqinisekisile ukuthi kushone amalungu ayo awu-12 engozini yebhasi neloli eyenzeke izolo ebusuku kuR34 ngaseVryheid, KwaZulu-Natal.
Amaphoyisa aseJozini abophe abafundi abane ababeyingxenye yombhikisho ogcine usunodlame phakathi kuhlaselwa iveni lamaphoyisa, okubonakale kwivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Kuboshwe izithandani zaseBloubergstrand eKapa ezisolwa ngokuqopha nokusabalalisa izithombe zocansi eziveza amadodakazi azo, eneminyaka emithathu neneminyaka eyisishiyagalombili ubudala.
Sishubile isimo kwezinye izingxenye zesifundawe i-Eastern Cape njengoba ukukhithika kwezulu sekudlule nemiphefumulo yabantu abayisishiyagalolunye kusukela ngoMsombuluko.
Usomabhizinisi onemali ukubadlula bonke abanye emhlabeni u-Elon Musk usezwakalise ukuzisola ngeminye yemibhalo yakhe ngomengameli wase-United States of America uDonald Trump enkundleni yakhe yokuxhumana, i-X.
Inkampani ephehla ugesi kuleli i-Eskom isimemezele ukuthi izothumela ithimba labasebenzi abazolungisa inkinga yokuwa kukagesi ezingxenyeni ezihlukene KwaZulu-Natal okudalwa yisimo esibi sezulu njengoba kunomoya onamandla, imvula nokukhithika kwezulu.
Siphinde sakhuphuka isibalo sentsha okufanele ngabe iyasebenza eNingizimu Afrika kodwa ehleli emakhaya ngenxa yokwentuleka kwamathuba emisebenzi.
Umnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usukuqinisekisile ukuthi batholwe sebeshonile abantu abathathu abaduke nendiza ebisuke eVirginia Aiport ngeSonto ekuseni ngaphambi kokuthi inyamalale ngaseMnambithi.
Ugwetshwe udilikanjele owesilisa oneminyaka engamashumi amathathu olahlwe yicala lokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili ngokuyiklinya eduze nomfula.
Umengameli wase-United States of America (USA) uDonald Trump akasaboni ngasolinye nempunyela emeseke ngezigidigidi ngesikhathi ekhankasela ukubuyela kwesobumengameli eMelika u-Elon Musk.