I-Economic Freedom Fighters isikuqinisekisile ukuthi kushone amalungu ayo awu-12 engozini yebhasi neloli eyenzeke izolo ebusuku kuR34 ngaseVryheid, KwaZulu-Natal.

Abashonile bebesuka kwiYouth Day Rally ye-EFF ebiseKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMsombuluko njengoba bekugujwa usuku lwabantu abasha.

UNobhala weqembu eKZN, uVukani Ndlovu, u the bazoyihambela yonke imindeni eshonelwe beyodlulisa amazwi enduduzo, bebheke nokuthi ingasekwa kanjani kulesi sikhathi.

Ngokwesitatimende soMnyango wezokuThutha, uphenyo luveza ukuthi ibhasi lishayiswe yiloli ohlangothini.

“Ngemuva nje kwamabili, sithole umbiko ovela ethimbeni lethu elisebenza kahle kakhulu kwaRoad Traffic Inspectorate lisazisa ngengozi enyantisayo yokushayisana kweloli nebhasi,” kusho uNgqongqoshe uSiboniso Duma.

“Sivumelene nethimba lakwa-RTI ukuthi sizosebenzisana neRoad Traffic Management Corporation namaphoyisa aseNingizimu Afrika uma sekwenziwa uphenyo olunzulu,” kusho uDuma.