Usomabhizinisi onemali ukubadlula bonke abanye emhlabeni u-Elon Musk usezwakalise ukuzisola ngeminye yemibhalo yakhe ngomengameli wase-United States of America uDonald Trump enkundleni yakhe yokuxhumana, i-X.
UMusk ukweleta wadilika kuTrump ngesonto elidlule ngemuva kwengxabano yakhe ngeminye yemithetho etholwa wuTrump ekuphatheni kwakhe izwe. Enye yezinto abangaboni ngasolinye kuyo ukucishwa kwesiphakamiso ebesizokwandisa ukudayiswa kwezimoto ezihamba ngogesi, obekuzohlomulisa inkampani kaMusk, iTesla, ekhiqiza izimoto zikagesi.
Ngenxa yokuxabana kwabo, okuhambisane nokukhululwa kukaMusk esikhundleni sokuba wumluleki kahulumeni nomengameli, uMusk ubhale ukuthanda kwakhe ngoTrump waze wasabisa ukuthi uzosungula inhlangano entsha yezepolitiki ‘yabantu’.
Ngaphezu kwalokho uMusk wathi uTrump akawukhiphile umbiko ogcwele ngophenyo ngowayedlwengula izingane uJeffery Epstein ngoba wayesondelene naye, okuyinto angayiphikanga ezinkundleni zakhe uTrump kodwa wavele wathi uMusk useyahlanya.
Namhlanje uMusk uzwakalise ukuzisola ngemibhalo yakhe ethi: “Ngiyazisola ngezinye zezinto engizibhale ngoMengameli Donald Trump evikini eledlule. Ngiye la obekungafanele ngiye khona.”
I regret some of my posts about President @realDonaldTrump last week. They went too far.
— Elon Musk (@elonmusk) June 11, 2025