Siphinde sakhuphuka isibalo sentsha okufanele ngabe iyasebenza eNingizimu Afrika kodwa ehleli emakhaya ngenxa yokwentuleka kwamathuba emisebenzi.
Ngokwezibalo zakamuva zeStatistics South Africa, izinga labantu abangasebenzi linyuke lafinyelela ku-32.9%, njengoba bangaphezu kuka-8.2 million abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi.
Ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha kunyuke kwafinyelela ku-46.1%, kusuka ku-44.6% kwikota edlule. Ngokwenhlangano yezepolitiki i-United Africans Transformation (UAT) esungulwe ngo-2022, uma zibhekisiswa izinombolo zakamuva, bawu-151,000 abantu abasha abaphelelwe wumsebenzi ezinyangeni ezintathu.
“Yize iNyanga Yentsha ibungaza isibindi esakhonjiswa yintsha eyalwa nengcindezelo ngo-1976, intsha yanamuhla ibhekene nomzabalazo ohlukile ohambisana nobunzima bomnotho, ububha kanye nokunganakwa kwezombusazwe,” kusho okhulumela i-UAT uMighty Mabule.
“Isizukulwane esisha sizithola sibambeke emjikelezweni wokulinda: silinde ukushayelwa ucingo, ukuqeqeshelwa umsebenzi, nomsebenzi ophusile ovame ukungaqhamuki.”
Le nhlangano igxeke uhulumeni obambisene, obizwa ngeGovernment of National Unity (GNU) ngokuhluleka ukusukumela inkinga yentsha engasebenzi. Ithe kufanele ishintshe ukwenza, ibeke phambili izinhlelo zokulungisa le nkinga.