Amaphoyisa aseJozini abophe abafundi abane ababeyingxenye yombhikisho ogcine usunodlame phakathi kuhlaselwa iveni lamaphoyisa, okubonakale kwivideo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, imibiko iveza ukuthi abafundi bamabanga aphezulu bezikole ezimbili bamashele esikoleni ebesingayingeni eyokubhikisha bavele babhikishela esangweni laso, okugcine sekungena udlame kukho.

Ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho abafundi balimaze imoto yamaphoyisa ngamatshe baphinde bahlasela amaphoyisa. Kuboshwe abafundi abane abaneminyaka ephakathi kuka-18 no-20 ubudala, kodwa babuye badedelwa sekufike abazali babo.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi e-Ubombo namhlanje bephelezelwa abazali noma abaqaphi babo.

Amaphoyisa athe akuqaphile nokuthi kunephoyisa elivela kwi-video lishaya omunye wabafundi, okuyinto ayikhuzile ngoba ayivumelekile, aphinde aveza ukuthi angase athathelwe izinyathelo.