Sishubile isimo kwezinye izingxenye zesifundawe i-Eastern Cape njengoba ukukhithika kwezulu namakhaza sekudlule nemiphefumulo yabantu abayisishiyagalolunye kusukela ngoMsombuluko.
Ngaphezu kwalokho, amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bathungatha ibhasi lesikole eliduke ngoLwesibili ekuseni.
I-Eastern Cape ibhekene nesimo sezulu esibi njengoba kuneqhwa elidalwe wukukhithika kwezulu, kanye nomoya onamandla kwezinye izindawo.
UNdunankulu wesifundazwe u-Oscar Mabuyane udlulise amazwi enduduzo emndenini eshonelwe yizihlobo. Uthe umasipala wesifunda i-OR Tambo yiwona oshayeke kakhulu.
“Ezinsukwini ezimbili ezedlule, izimvula ezinamandla zidala izikhukhula nokudilika kwenhlabathi, okuhambe nemiphefumulo yabantu abaningi kanye nokulimala okukhulu kwempahla nengqalasizinda.”
Uthe ziyaqhubeka izinhlelo zokuthungatha ibhasi lesikole eliduke ngoLwesibili ekuseni. Ukuthungatha kumiswe izolo ebusuku, kodwa bekuhlelwe ukuthi kuqhubeke namhlanje.
Kwezinye izindawo amanzi awasafinyeleli emphakathini ngenxa yokulimala kweButterworth Water Treatment Works ebihlinzeka imphakathi eseduzane ngamanzi.
UMabuyane uthe sebehlanganise iminyango ehlukene kahulumeni esithumele abangasiza emphakathini kule nhlekelele ababhekene nayo.
Khonamanjalo, ezinkundleni zokuxhumana kukhona abasola uhulumeni wase-Eastern Cape ngokuhluleka ukulungiselela isimo sezulu obekwaziwa ukuthi siyeza kuleli sonto njengoba abakwa-SA Weather Services bakhipha isexwayiso ngasekuqaleni kwesonto elidlule.