Ntombifuthi Buthelezi
Ugwetshwe udilikajele owesilisa oneminyaka engamashumi amathathu olahlwe yicala lokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalombili ngokuyiklinya eduze nomfula.
Inkantolo yemantshi ePinetown igixabeze uSiyabonga Innocent Shezi ngodilikajele emvakokuba abulale indodana yakhe ngesihlungu zingu Masingane kunyaka ka 2023. Kubikwa ukuthi uShezi walanda indodana yakhe kuloyo owayeyintombi yakhe, ethembisa ukuthi uyoyivakashisa kubo. Kanti wayengayiyisi kubo kodwa waya nayo emfuleni okuyilapho afike wayikinya esebenzisa intambo yebhulukwe layo indodana yakhe.
Kubikwa ukuthi emvakwalesosenzo uShezi wabe esefonela lona owayeyintombi yakhe emubikela ukuthi useyibulele indodana yabo. Wamtshela nendawo okuyilapho azofike asifice khona isidumbu sayo. Akuphelanga isikhathi esingakanani zamkhalela uShezi.
Umshushisi wenkantolo, uRowan Souls uyena obehola ubufakazi buka nina wengane, njengoba kunguyena owalandiswa ukusuka nokuhlala kokubulawa kwengane nguyise wayo.
UShezi ulivumile icala lokuthi uyena obulale indodana yakhe kanti nombuso wabe usuveza ubufakazi be pathology, okuyibona obuqinisekisile ukuthi ukufa kwengane kudalwe ukuklinywa kanye nokulimala kabi ekhanda.
Esitatimendebi unina wengane wathi, “ukuhamba kwengane yami emhlabeni kuyiqedile injabulo yami, njengoba ingane yami bekuyingane ebihlezi izijabulele kanti futhi ibinothando oluningi, ikakhulukazi nasemsebenzini wayo wesikole.”
Uqhube wathi indodana yakhe ibifisa ukuba ngummeli uma isikhulile. Ukuze izokwazi ukusebenza kanzima bese ithuthukisa isimo sabo sokuphila. Kodwa uyise wengane yakhe uwafiphalise engakafezeki amaphupho omntanabo.
Inkantolo ayibange isalidonsisa icala, ivele yamgixabeza ngodilikajele yaphinde yamthola engakulungele ukuba nesibhamu, njengoba kuphinde kwatholakala ukuthi ubephinde abenesibhamu uShezi.