Umengameli wase-United States of America (USA) uDonald Trump akasaboni ngasolinye nempunyela emeseke ngezigidigidi ngesikhathi ekhankasela ukubuyela kwesobumengameli eMelika, u-Elon Musk.
Ukungaboni ngasolinye phakathi lwabo kusuke ngemuva kokuphikisana nge-bill esayinwe wuTrump uMusk angahambisani nayo ngoba ethi izofaka izwe ezikweletini esinzima. Ngaphandle kwalokho, uTrump uhoxise ibill ebizoqinisekisa ukuthi kuyaqina ukuthengwa kwezimoto zikagesi, obekuzosiza uMusk njengoba enenkampani ekhiqiza izimoto ezihamba ngogesi, iTesla.
Ukushiphelana kwabo sekucace bha, kanti kuqale abantu behlawumbisela ukuthi kuyobe isinyathelene ngesikhathi uMusk ephumela obala ngokuthi ngeke aphinde axhase umkhankaso wokukhankasela amavoti.
Izolo baqale ukuxebulana ezinkundleni zokuxhumana, uTrump egadla ngekhasi lakhe elikuTruth Social okuyinkampani yakhe, noMusk egadla ekhasini lakhe ku-X, okuyinkampani yakhe naye.
Nawa amanye ama-post ka-Musk ngoTrump:
— Elon Musk (@elonmusk) June 5, 2025
In light of the President’s statement about cancellation of my government contracts, @SpaceX will begin decommissioning its Dragon spacecraft immediately pic.twitter.com/NG9sijjkgW
— Elon Musk (@elonmusk) June 5, 2025
— Elon Musk (@elonmusk) June 5, 2025
Okwamanje ibukeka isasekuqaleni impi kaMusk noTrump, kodwa izinto asebezivezile zibeka ngokusobala ukuthi sebeyizitha, ngaphandle ke uma bezikhohlisela umphakathi ukuze kuvuke amabhizinisi kaMusk abesewa ngenxa yokuzifaka kwakhe kwezombusazwe eMelika okumqhathe namakhasimende.
Ingxabano yabo uphinde iphakamise imibuzo ngokuthi kuzokwenzekani ngamabhunu awu-49 athathwe yiMelika ngohlelo lwabokufika ngenxa yamanga abebhebhezelwa wuMusk ngeNingizimu Afrika.