Umnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usukuqinisekisile ukuthi batholwe sebeshonile abantu abathathu abaduke nendiza ebisuke eVirginia Aiport ngeSonto ekuseni ngaphambi kokuthi inyamalale ngaseMnambithi.

Ngokwesitatimende soMnyango, bobathathu bashone kuphahlazeka le ndiza ebisuke nezinye izindiza ezimbili zihamba zilandelana. Kuthiwa babehlele ukuthela upetrol eLadysmith Airport kodwa ngenxa yokungabibikho kwagesi baphoqeleka ukuthi badlulele eGreytown Airport nokuyilapho indiza yokuqala ingene ehlathini kodwa owayeyishayela wasinda. Eyesibili yahlala kahle phansi, kodwa eyesithathu idukile yaze yatholwa namhlanje ekuseni iphahlazekile, sebeshonile bonke ababephakathi kuyo.

Ngokwesitatimende, oyedwa wabashonile wuZama Biyela obefundela ukuba wumshayeli wendiza, kanti kuvelkka ukuthi uyena obemncane kunabo bonke abadlule emhlabeni,

Ungqongqoshe wezokuThutha uSboniso Duma udlulise amazwi enduduzo emndenini yabashonelwe, ikakhulukazi Kubo kwaBiyela njengoba engakatholwa amagama abanye abashonile. Izikhulu zoMnyango ngokubambisana namanye amalungu omphakathi okubalwa kuwo u-Ayanda Msweli obika ngezindaba ezithinta ezokuthutha, bazovela beyokhalisa umndeni ngemuva kwalesi sehlo.

Umnyango uqhube waveza ukuthi i-Aeronautical Rescue Coordination Centre izodlulisela udaba kwiSAPS ukuze iphenye ngokubambisana neSouth African Civil Aviation Authority.