Inkampani ephehla ugesi kuleli i-Eskom isimemezele ukuthi izothumela ithimba labasebenzi abazolungisa inkinga yokuwa kukagesi ezingxenyeni ezihlukene KwaZulu-Natal okudalwa yisimo esibi sezulu njengoba kunomoya onamandla, imvula nokukhithika kwezulu.

Isimo sezulu esihambisana namakhaza sidlale ukuwa kukagesi ezindaweni eziningi okubalwa kuzo  iMpangeni, Melmoth, Inkosi Mtubatuba, Ulundi, Hluhluwe, Jozini, Nongoma, Eshowe, Berryville, Umnambithi, Ingagane, Paulpietersburg, Ixobho,Kokstad, Cedarville, Franklin, Umzimkhulu, Bhurwa, Leamington, Harding, Ingeli, Paddock, Edendale neRiverdale.

Kushone usuku lwayizolo i-Eskom ukhala ngokushayelwa yinqwaba yabantu ababhekene nenkinga yokungawutholi ugesi.

Bathe bazothumela ithimba labasebenzi elizohambela lezi zindawo kodwa kwezinye zazo akungeneki ngenxa yeqhwa nezikhukhula.

u-Eskom ube usukhipha isixwayiso kubantu sokuthi bawusebenzise ngokucophelela ugesi kanti uma kukhona lapho ophazamiseke khona bengazami ukuzilungisela bona ngoba akukho emthethweni.