Ugwetshwe udilikajele owesilisa owadlwengula indodakazi yakhe
Inkantolo yesifunda eGreytown igwebe owesilisa oneminyaka engu-29 ngecala lokudlwengulwa indodakazi yakhe yegazi eneminyaka eyisishiyagalombili (8) ngoMashi kulo nyaka.
Inkantolo yesifunda eGreytown igwebe owesilisa oneminyaka engu-29 ngecala lokudlwengulwa indodakazi yakhe yegazi eneminyaka eyisishiyagalombili (8) ngoMashi kulo nyaka.
Ugwetshe udilikajele owesilisa (35) enkantolo yesiFunda eZakheni ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala indodana yakhe eneminyaka eyisithupha ngesihluku phambi kukanina.
Iqembu lezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) lithi lizophakamisa ukuthi intsha ethungatha imisebenzi ihlinzekwe ngo R1,500 kuno R370 ukuze izokwazi ukumelana nezindleko zokufuna umsebenzi.
Ufuna kwenzeke ubulungiswa umndeni womfundi waseMaphephetheni eNanda, u-Athabile Khanyi (17) ozibulele ngemuva kokuthunjwa nokudlwengulwa ‘abantu abaziwayo’.
Ugixabezwe ngodilikajele ababili owesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nantathu olahlwe yicala lokudlwengula nokuzama ukubulala eMothibistad, eNorthern Cape, ngoLwesine.
Londiwe Mthethwa Amaphoyisa asebophe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-16 kuya ku-24 ubudala ngecala lokubulawa kwamantombazane amabili okutholwe izidumbu zawo zishisiwe KwaNobuhle e-Eastern Cape ngoLwesithathu. U-Ibanathi
Sekuqalwe uphenyo ngokuthunjwa kukasomahlaya uSimthandile ‘maka Thangithini’ Myeza okwenzeke eMbilo eThekwini ngoLwesibili.
Obengunobhala-jikelele weMkhonto weSizwe Party uFloyd Shivambu uthi noma ezungezwe yizimpisi umholi weqembu uMnuz Jacob Zuma ngeke esule kuleli qembu ngoba usefunde okuningi kuMsholozo.
UPHIKO oluqoqa intela kuleli iSARS luzofaka endalini izimoto eziwu-13 zikasomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize osha nesobho kulezi nsuku ngenxa yesikweletu sezigidi zamarandi angakasikhokhi.
Lihlehliselwe umhla ziyisikhombisa kuNtulikazi, 2025, icala elibhekene nowayekhulumela i-African National Congress (ANC), uPule Mabe, nabanye abayisithupha.