UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthi le nhlangano kufanele ‘izalwe kabusha’ ukuze bebuyise ukuthembeka emphakathini.
UMbalula ubeke kanje ethula inkulumo kumcimbi wokukhumbula owayeyisishoshovu somzabalazo wenkululeko eNingizimu Afrika uSolomon Mahlangu izolo.
“I-ANC, inhlanganu uMahlangu anikela ngempilo yakhe kuyo, ibhekene nezinkinga ezihlukene,” kusho uMbalula ekhuluma eSolomon Mahlangu Square, eTshwane.
“Sisesikhathini sokungethenjwa kwenhlangano emphakathini. Ezindaweni eziningi, ikakhulukazi ezingeni likahulumeni wasekhaya, abantu babhekene nokungalethwa kwezidingo zabo, ukuntuleka kwemisebenzi, kanye nomuzwa wokulahlekelwa yithemba.
“Amahhovisi okufanele ngabe siqhuba ngawo inkululeko iningi lawo asethathwa njengento ekude, engasebenzi, nesisetshenziselwa ukufeza ezinye izinhloso. Akufanele sikuphike esibhekene nakho, kodwa kufanele sikuthathele izinyathelo sikulungise.”
We concluded our commemorative events with a visit to the Mahlangu family home where we were welcomed by Prince George Mahlangu of the Amandebele wakwa Ndzundza Sokhulumi and family spokesperson of the late anti-apartheid activist Solomon Kalushi Mahlangu.… pic.twitter.com/SAuOb7R7VD
— ANC SECRETARY GENERAL | Fikile Mbalula (@MbalulaFikile) April 6, 2026
Khonamanjalo, uMbalula kulo mcimbi uveze nokuthi kuzobhungwa ngesikhalo esenziwe wuphiko lomakadebona be-ANC abazwakalise ukungahambisani nesinqumo sokuqokwa kukaSihlalo we-EFF eGauteng uNkululeko Dunga osengamele ihhovisi lomnyango wezemali kuhulumeni waseGauteng.