Umengameli wase-United States of America (USA) uDonald Trump usexwayise elinye izwe ukuthi angase alandele ngalo ngemuva kokubopha umengamengameli waseVenezuela uNicolás Maduro ngempelasonto edlule.
Isenzo seMelika sishaqe abantu abaningi emhlabeni njengoba kuyinto engajwayelekile ukuthi izwe libophe umengameli welinye izwe ezweni lakhe.
IMelika isola uMaduro ngoxhaxha lwamacala athinta ukushushumbiswa kwezidakamizwa kodwa kuthe eseboshiwe uTrump wabiza isithangami nabezindaba wathi isizophathwa yiMelika iVenezuela. Ngemuva kwesikhashana ugcine ephumele obala ukuthi empeleni bazifunela uwoyela eVenezuela.
Kuzokhumbuleka ukuthi noma inowoyela omningi iVenezuela, izinkampani zikawoyela bezingasebenzi kahle njengoba ama-minerals akulelizwe onke engaphansi kukahulumeni.
UTrump uxwayise iColombia ukuthi bengase belandele ngayo. Njengamanje iColombia inomengameli naye ofuna ezinye zezinto zezwe zibe ngaphansi kukahulumeni.
UTrump uthe umengameli waseColombia uGustavo Petro yindoda ‘egulayo’ ethanda ukwenza icocaine.
“IColombia iyagula, iphethwe yindoda egulayo ethanda ukwenza icocaine bese iyidayisela abantu base-United States. Kuzophela maduze,” kusho yena.
Ebuzwa ukuthi ngabe bahlela ukuthumela amasosha eColombia uthe kuzwakala kuwombono omuhle lowo.
UMaduro nomfazi wakhe kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yaseNew York namhlanje.