I-African National Congress isishicilele isitatimende igxeka uSello Lemonka Gemba ocasule abaningi kuleli sonto ngepost ayifake kuFacebook efisela umholi weMarch & March, uJacinta Ngobese-Zuma, ukuthi ‘adlwengulwe, bese eyabulawa’.
IPost yakhe isabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili, abaningi bebuza ngemininingwane yakhe ukuze ezoboshwa.
UJacinta ugcine ebhale ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi uzomvulela icala uLemonka izolo eDurban Central Police Station.
ANC CONDEMNS ALLEGED SOCIAL MEDIA INCITEMENT TO VIOLENCE AGAINST JACINTA NGOBESE-ZUMA pic.twitter.com/gxJfSPDKJt
— ANC – African National Congress (@MYANC) October 7, 2026
Kuvela lezinkulumo nje uJacinta kuleli sonto ugxeka isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esiphoqa umnyango wezasakhaya ukuthi ubhalise abantu abangene kuleli ngokungemthetho uma bengama-refugee.
Ngenxa yalesi sinqumo, bekunolayini abade kumaHome Affairs Refugee Centre akuleli. Izolo Izindaba 247 zifike zazibonela kugcwele abantu bangaphandle, iningi labo livela kumazwe ama-arab, okuphakamise imibuzo yokuthi uma isinqumo siphume ngo-October 6, bafike nini kuleli abantu abaningi kangaka, bebezondla ngani, futhi bebehlalaphi.
AbeMarch & March bake bakumisa ukuibhaliswa kwalaba bantu kuMoore Road eThekwini, bebuza lemibuzo kodwa engekho ofuna ukuphendula.
March and March Movement leader Jacinta Ngobese-Zuma reacts to the July 2026 Constitutional Court ruling that Home Affairs must accept asylum applications from people who entered South Africa illegally.
— News Live SA (@newslivesa) October 6, 2026
The Department of Home Affairs will no longer be allowed to turn away asylum… pic.twitter.com/JmhJQOeoH9