Omunye wabasebenzi bakwaHome Affairs usechaze kabanzi ngesinqumo sakamuva seNkantolo yoMthethosisekelo esesikhuphule isibalo sabokufika abazama ukuthola amaphepha abagunyaza ukuthi babe kuleli.

Ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo kuleli sonto kuvumbuke inqwaba yabantu babamba olayini kumaHome Affairs Refugee Centre ezindaweni ezihlukene kuleli. EThekwini sigqilazekile lesi sikhungo kuMoore Road.

Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo yezoMthethosisekelo ngoJulayi, enqume ukuthi ezinye izigatshana zomthetho wokubhaciswa kwabantu kuleli, iRefugee Act, azikho emthethweni.

Nokho akekho osephumele obala wachaza wenaba ukuthi sisho ukuthini isinqumo sakamuva.

Ebhala ekhasini lakhe kuFacebook, uZamo Ngcobo okuvela ukuthi usebenza kwaHome Affairs (asikwazanga ukukuqinisekisa lokhu) ulobe kanje:

1. Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi ngichaze umehluko phakathi kwe ASYLUM SEEKER, REFUGEE, PERMANENT RESIDENT ne CITIZEN

• ASYLUM SEEKER = Lo ngumuntu osuke ezweni lakhe ngenxa yesimo esiyingozi (ukushushiswa, impi, noma ukwesabela impilo yakhe) afike afake isicelo sokuvikelwa eNingizimu Afrika. Akanalo ilungelo lokuvota

• REFUGEE = Lo ngumuntu osuke isicelo sakhe sokuvikelwa sesamukelwe emva kokutholakala kwesiqiniseko sokuthi uyakudinga ngempela ukuvikelwa. Akanalo ilungelo lokuvota. I ID yakhe ibonakala ngizinombolo ezintathu zokugcina eziba u 26X.

• PERMANENT RESIDENT = Uma sibuka ngohlelo lokucela ukuvikelwa. Lomuntu usuke esehlale iminyaka emihlanu eyi refugee. Umthetho uyamvumela ukufaka isicelo sokuba I permanent resident. Izinombolo ezintathu zokugcina ziyashintsha kwi ID yakhe, from 26X zibe u 18X. Akanalo ilungelo lokuvota.

• CITIZEN = Emva kweminyaka emihlanu eyi Permanent resident, lomuntu ufaka isicelo sokuba isakhamuzi esigcwele kulelizwe. Uma isicelo siphumelela, I ID yakhe iyashintsha futhi izinombolo zokugcina zibe u 08X, njengeyami neyakho. Lomuntu usuke esenalo ilungelo eliphelele lokuvota.

2. ASICHAZE-KE UKUTHI KWENZEKENI:

Phakathi kuka 2017 and 2019, South Africa yachibiyela i Refugees Act. Kulezichibiyelo (specifically Sections 4(1)(f), 4(1)(h), 4(1)(i), and 21(1B)), umuntu ocela i asylum kodwa:

• Engangenanga emngceleni osemthethweni,

• Engayanga kwi Refugee Reception Office within 5 days, or

• Engenayo iVisa yokudlula eSouth Africa esemthethweni,

…automatically uba i “illegal foreigner” and akabe esavunyelwa ukufaka isicelo sokuvikelwa (asylum), ngaphandle uma eveza ubufakazi ukuthi kungani engakwazanga ukulandela lemigomo engaphezulu.

Lezichibiyelo zayicasula kakhulu inhlangano ebizwa nge Scalabrini Centre of Cape Town, nezinye izinhlangano ezifana ne Helen Suzman Foundation, Amnesty International, Global Strategic Litigation Council For Refugee Rights, International Detention Coalition ne United Nations High Commissioner For Refugees.

Babe sebelufaka ezinkantolo loludaba bemangalela uMinister of Home Affairs, DG of Home Affairs, Chief Director of Asylum Seeker Management of Home Affairs, Refugee Appeals Authority of South Africa ne Standing Committee For Refugee Affairs.

Kwathi ngo 7 July 2026 inkantolo yomthethosisekelo yakhipha isinqumo esivuna abamangali, kwathiwa lezichibiyelo azihambisani nomthethosisekelo wase South Africa.

3. KUSHO UKUTHINI LOKHU? DOES THIS MEAN EVERY ILLEGAL FOREIGNER CAN NOW BECOME A REFUGEE?

Cha.

Kodwa, kusho ukuthi wonke umuntu okhona la eSouth Africa ngokungekho emthethweni, akunandaba ukuthi wafika nini, noma kanjani, usezokwazi ukuthi uma eboshwa ngoba engenawo amaphepha amgunyaza ukuthi abe kuleli, usengavele athi uzofuna i asylum, and uma esesho kanjalo, ngeke esaboshwa, kodwa kuyomele asizwe ukuthi afake isicelo sokuvikelwa (asylum). Kuyodingeka-nje ukuthi abeke izizathu ezizwakalayo ezenze ukuthi angaziyeli yena e Refugee Centre ngesikhathi engena eSouth Africa.

Lokhu akusho futhi ukuthi isicelo se asylum siyokwamukelwa. uHome Affairs uye enze uphenyo ukuthi lokhu umuntu akubalekele ezweni lakhe kuyiqiniso yini. Uma kutholakala ukuthi akulona iqiniso, siyachithwa isicelo salowomuntu. Lokhu uhlelo olungathatha iminyaka, ngenxa yobuningi bezicelo, nokuthi uma isicelo sichithiwe uHome Affairs, lo obesifakile unelungelo lokwenza isicelo sokuthi isinqumo sikaHome Affairs sibuyekezwe, okungathatha eminye iminyak