Intatheli yeZindaba 247

Ikomiti lasePhalamende eliphenya ngenkohlakalo emaphoyiseni akuleli seliphakamise ukuthi owayengungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele kufanele aphenywe ngezinsolo zokugwazelwa wuVusumuzi ‘Cat’ Matlala.

Amalungu ePhalamende akuleli komityi izolo aveze ukuthi afuna abaphenyi bethole izitatimende zasebhange zikaCele ukuze kuphenywe okwashiwo uMatlala kuleli komiti, owaveza ukuthi wakhokhela uCele uR500,000.

USihlalo weKomidi uSoviet Lekganyane usamukelile lesi siphakamiso ngoba uMatlala waveza izinsolo ezibucayi. 

“I-ANC iphakamise ukuthi izinhlaka ezifanele kufanele ziziphenye izinsolo ngobudlelwano bukaCele noMatlala, okubalwa kuzo nokuthi wayethola imali ngokungemthetho.

Ilungy leMK Party ePhalamende uDavid Skosana uthe uphenyo kufanele lubuke nendaba ‘yokugwazelwa’.

UCat Matlala waveza nokuthi uCele ubebuye ahlale kumuzi wakhe osehhotela elisePretoria.

Ngaphandle kwesiphakamiso saleli komidi, umbiko weSAPS ngbudlelwano buka Cele noMatlala nawo uphakamisa ukuthi kufanele aboshwe ashushiswe uNdosi. Lo mbiko owaphuthulwa ngo-April kodwa osabalala manje uveza ukhala ngezimali ezazikhishwa uMatlala ebhange njalo uma ezohlangana noCele.

Uphinde ukhale nangayo indaba yomuzi (penthouse) osehhotela lasePretoria iThe Captiocal Menlyn Maine.

Ngaphandle kuka Cele umbiko uphakamisa nokuthi kufanele kuboshwe noMatlala, Captain Brian Cartwright, Brigadier Petunia Lenono no Lieutenant-General Molefe Fani.