Intatheli yeZindaba 247

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke, uLieutenant General Puleng Dimpane, uthi amaphoyisa asezithendeni zabasuse udlame eSoweto naseThekwini kuleli sonto njengoba kunemibhikisho ngodaba lokubhaliswa kwabokufika kuMnyango wezaseKhaya ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. 

UDimpane uveze lokhu ngoLwesine ekhuluma eSoweto kulandela imibhikisho ethinta abokufika asebenikezwe ithuba lokucela ushwele wokuba kuleli ngokungemthetho ngesizathu sokuthi babalekela izimpi emakubo.

Izolo enkabeni yeTheku kushaywe oyedwa wabebebhikisha, kwavele kwaqubuka udlame ngokushesha kushiswa izimoto eziwu-10 kuWest Street nakuPark Street.

Lo mgwaqo sidlule izolo ntambama usuvaliwe. UDimpane uthi bazoqeda ngalo dlame.

“Ngeke sikubekezelele ukungahlonishwa komthetho. Ngeke sivumele abantu ukuthi bashise izimoto, futhi ngeke sivumele abantu ukuthi bacekele phansi impahla yabanye,” kusho uDimpane.

“Lapho abantu bephuma endleleni efanele futhi bephula umthetho, amaphoyisa azothatha izinyathelo futhi kumele azithathe ngokushesha.

"Labo abenza izenzo zobugebengu kumele bazi ukuthi bazobanjwa. Kumele balindele ukuthi sizobabamba sibayise enkantolo uma ubufakazi obanele bukhona.”

Uqhube wathi abantu bangalinge bazitshele ukuthi amaphoyisa abuthaka ngba nakhu ezibamba engavumi ukucasulwa okusuke kwenzeka phambi kwawo.

Izolo amaphoyisa athwale kanzima ukulawula isimo enkabeni yeTheku, ngokunjalo naseSoweto lapho okugcine sekujutshwa amalungu eSANDF.

EThekwini ngoLwesihlanu ekuseni bese kulekelela onogada bama-private security njengoBlue njengoba ibisaqhubeka imibhikiso.